Jeff Radebe
Image: Independent Media archives
UMDIDIYELI we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Jeff Radebe, uthi inhlangano izophinde ingenzi kahle komasipala basesifundazweni okhethweni lohulumeni basekhaya lakulo nyaka, uma abaholi bayo bengafuni ukufunda emaphutheni abo.
URadebe uthe kuzobaphinda okwabehlela okhethweni lukazwelonke lwango-2024 nasokhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021, uma abaholi bengalungisi amaphutha enza ukuthi abantu bakhethe ukungayivoteli i-ANC kulezi zinketho.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni wezinsuku ezimbili, iLekgotla, obanjelwe eThekwini.
Kwabhimba izinto okhethweni lukazwelonke kwi-ANC njengoba yalahlekelwa isifundazwe iKwaZulu-Natal.
Izinkinga ze-ANC KwaZulu-Natal zaqala ngokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021, lapho yalahlekelwa inqwaba yomasipala.
URadebe uthe abantu baKwaZulu-Natal bebethumela umyalezo ngokulaxaza i-ANC kulezi zinketho.
"Abantu bakhetha ukungayivoteli i-ANC ngenxa yokucasulwa ukwehluleka komasipala ukuhambisa izidingo. Abantu abahlala ezindaweni lapho kungahanjiswa khona izidingo, bakhetha ukujezisa i-ANC. Abantu abahlala ezindaweni lapho ezaziphethwe amakhansela angawenzi nahlulwa umsebenzi, lapho khona kunezinhlelo zentuthuko ezimile, lapho kunezinsolo zenkohlakalo, bakhetha ukungayivoteli i-ANC. Akukhona ukuthi abantu abasazifuni lezi zinto ezilwelwa yi-ANC, inkinga ukuthi nje abantu kabajabule ngendlela i-ANC eyenza ngayo."
URadebe uthe kubalulekile ukuthi abaholi be-ANC bawuhumushe kahle umyalezo abawuthunyelwa abantu ezinkethweni ezedlule.
"Uma sihluleka ukufunda kahle lo myalezo, sizophinda iphutha. Uma siwufunde kahle umyalezo, sizokwazi ukuvuka sizithathe."
URadebe uthe kufanele bakwamukele okwenzeka okhethweni lwango-2024, lapho balahlekelwa khona isifundazwe.
Njengamanje i-ANC iyingxenye yohulumeni wokubambisana owakhiwe amaqembu amane.
URadebe uthe akuqali manje ukuba kube nohulumeni wokubambisana, wathi bona into okufanele bayilwele ukuthi uhulumeni wesifundazwe usebenzele abantu.
URadebe uthe bayazi ukuthi uhulumeni okhona uzolokhu uvivinywa ngenxa yokuthi uphethe ngencacamezela.
Amaqembu aphethe ngokubambisana anezihlalo ezingu-41 kwezingu-80 esiShayamthetho uma kubalwa nesihlalo seqembu elingababeki benkosi elisanda kumemezela ukuhoxa kuhulumeni wesifundazwe, iNFP.
Uma igcina ihoxile iNFP, amaqembu abusa ngokubambisana azokuba nezihlalo ezingu-40, bese kuthi amaqembu aphikisayo nawo abe nezihlalo ezingu-40.
Iqembu eliphikisayo, iMKP, selike lafaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli, nokho isiphakamiso asizange siphumelele.
URadebe uthe bayazi ukuthi iMKP isazophinde izame futhi ukuketula uhulumeni wesifundazwe.
"Kwakungekhona okokugcina bezama, basazophinde bazame futhi. Thina okwethu ukuthi sihlale sibalindile. Kufanele sibeke phansi umoya."
Related Topics: