Izindaba

Kunyuka umholo kaNdunankulu waKwaZulu-Natal

Sabelo Nsele|Published

Thami Ntuli

Image: SITHUNYELWE

UZOHLEKA yedwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, njengoba ezonyuselwa umholo.

Umholo kaNtuli uzonyuka ube ngaphezu kuka-R2.6 million ngonyaka.

Isinqumo sokunyusa umholo kaNtuli sithathwe emhlanganweni obusesiShayamthetho KwaZulu-Natal.

Umholo kaNtuli uzokwenyuka uma kuqala unyakamali omusha ngo-Ephreli.

UNtuli unyuselwe umholo emva kokuba uMengameli Cyril Ramaphosa, enqume ukuthi ondunankulu kanye nabanye abaholi bezepolitiki abaphethe izikhundla kuhulumeni banyuselwe imiholo ngo-3.8%.

Inhlangano enquma imiholo yabaholi abajutshwe ezikhundleni kuhulumeni, iCommission for the Remuneration of Public Office Bearers, yayikade iphakamise ukuthi abaholi banyuselwe imiholo ngo-4.1%.

Kepha ngenyanga edlule uRamaphosa unqume ukuthi abaholi banyuselwe ngo-3.8%.

Isiphakamiso sokuthi kunyuselwe uNtuli umholo senziwe wuSotswebhu omkhulu esiShayamthetho, uMnuz Blessed Gwala.

Esiphakamisweni sakhe, uGwala uthe uNtuli kufanele anyuselwe umholo njengokunquma kukaRamaphosa.

"Isinqumo sikaRamaphosa esingunombolo 7005, esishicilelwe kwi-gazzette 53965 ngoJanuwari 16 sinquma umholo kandunankulu. NjengesiShayamthetho kufanele sithathe isinqumo sokunyusa umholo kanye neminye imihlomulo etholwa undunankulu silandela umthetho wango-1998 olawula imiholo yabaholi abasezikhundleni kuhulumeni.

"Ngiphakamisa ukuthi umholo kandunankulu ube ngu-R2 635 562 ngokuhambisana nomthetho olawula imiholo yabaholi abaphethe izikhundla kuhulumeni kanye nokuhambisana nesinqumo sikamengameli sangoJanuwari 16."

Amaqembu abusa ngokubambisana aphinde adlula ngehubo ngesikhathi kuvotelwa isiphakamiso.

Kuhlezi kubanjwe umoya uma kuvotwa esiShayamthetho kulezi zinsuku kulandela isimemezelo seqembu elingababeki benkosi kuhulumeni waKwaZulu-Natal, iNFP, sokuhoxa kuhulumeni wesifundazwe owakhiwe amaqembu amane.

Ukuhoxa kweNFP kungenza ukuthi kube nongqingetshe uma kuvotwa esiShayamthetho ngenxa yokuthi izihlalo zamaqembu abusa ngokubambisana zizolingana nezamaqembu aphikisayo.

Kepha izolo isiphakamiso sidlule kalula ngenxa yokuthi ilungu leNFP, uNksz Mbali Shinga, liphinde lavota namaqembu abusa ngokubambisana.

UNksz Shinga onguMphathiswa wokuThuthukiswa koMphakathi, wawushaya indiva umyalelo weqembu wokuba asule kulesi sikhundla.

Amalungu angu-40 avotele ukuba kunyuswe umholo kaNtuli.

Amalungu eMKP angu-34 kuphela aphikisane nesiphakamiso sikaGwala, amalungu eMKP abengaphelele ngesikhathi kuvotwa.

Amalungu amabili eqembu elivota neMKP, i-EFF, nawo abengekho ngesikhathi kuvotwa.

USomlomo, uNksz Nontembeko Boyce, uthe noma kanjani uzonyuka umholo kaNtuli njengoba iningi lamalungu leseke isiphakamiso.

UNksz Boyce uthe akuyena yedwa uNtuli ozonyuselwa umholo, waveza ukuthi nawo amalungu esiShayamthetho asanda kunyuselwa imiholo.