Isidumbu
Image: PATRICK MTOLO
KUNEZINSOLO ezithi ubefuna ukuqhubeka ahole imali yempesheni kaskwiza wakhe, owesifazane waseMgababa, okuthiwa uhlale nesidumbu sikamufi izinsuku, saze saqala ukonakala.
Kulesi sigameko kusize amadoda endawo akade esecelwe ukuthi azombela umgodi ukuze angcwabe kuwo leli lungu lomndeni isinyenyela, kungazi muntu.
Izolo, isidumbu sikaNksz Badingile Gumede (68), sigcinwe sithathwe amaphoyisa emuva kwezinsuku sihleli egaraji.
Owomndeni okhulume neSolezwe, uMnuz Sanele Nhlumayo, uthe kubaxakile okwenziwe umakoti wakubo futhi kubakhele igama elibi emphakathini.
"U-anti obehlala eJacobs, ubengumuntu okade wahamba ekhaya. Watholwa abantu abamaziyo, bamyisa esibhedlela kwase kubhekwa umndeni wakhe, kwatholakala ukuthi kukhona umakoti nendodakazi yakhe, base behlala naye. Konke lokhu kwenzeke unyaka uqala, okuthe uma efika ekhaya bamlandela amaphilisi, konke kwahamba kahle," kusho uNhlumayo.
Uthe abakwaziyo ukuthi umufi ubengenawo umazisi kodwa bazi ukuthi unazo izinombolo zawo.
"Nathi ngabe siqamba amanga uma singathi siyazi ukuthi ubenani. Umakoti usitshele ukuthi ushone ngoLwesihlanu, kodwa lokho asikukholwa ngenxa yokuthi ubesecele amadoda emphakathini ukuthi azombela ukuze u-anti angcwatshwe. Kuchaza ukuthini lokho? Kukhulu abefuna ukukwenza ngoba thina usitshele ukuthi umazisi akanawo (umufi) kodwa manje sesiyathola ukuthi ukhona," kuchaza yena.
Uveze ukuthi abakutholile ukuthi ubefuna ukungcwaba u-anti wabo bengazi, okubenza babe nezinsolo ezinkulu ngomakoti wabo, wenza izinsolo ezithi hleze ubefuna asale adle impesheni yakhe.
"Ngendlela isidumbu esiyiyo, kuyacaca ukuthi akashonanga ngoLwesihlanu lolu alushoyo. Uthi uyile emakhazeni aKwaMadlala, bamtshela ukuthi ngoba sekuphele amahora angu-48 isidumbu sihleli egaraji, ngeke basithathe. Nathi siwafonelile amaphoyisa aseMkhomazi, athi nawo ngoba akuyona ingozi ngeke aze asisize," kusho yena.
Okubakhathaza kakhulu, uthe ngukuthi u-anti wabo uyaqhubeka nokonakala egaraji njengoba elokhu egcinwe khona.
Uthe ngolunye ulwazi abanalo basizwa iyona indodakazi yakhe, njengoba yena uma bekhuluma naye (umakoti) uvukwa ulaka.
Abakufunayo uthe ukuthi isidumbu siye emakhazeni.
Izolo ntambama leli phephandaba lithole ukuthi amaphoyisa afikile asithatha isidumbu.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola ukuphawula kukamakoti kanti kuze kwashaya isikhathi sokushicilela namaphoyisa engaphendulanga.