UNKSZ Nobuntu Ndamane, uNksz Mningi Andile Zuma, uNdlunkulu Nomzamo Myeni Zulu, uMntwana uTobhi Zungu noMnuz Sifiso Mdletshe nesipho esidluliselwe kuNdlunkulu MaMyeni
Image: Sithunyelwe
ABASENDLUNKULU abawuvali namanje umlomo ngeqhaza elabanjwa iNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu, ngesikhathi kuvuselelwa imikhosi yesizwe ebalulekile okubalwa kuyo noyigugu, uMkhosi woMhlanga.
UNdlunkulu weSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, uNomzamo Myeni Zulu, uchaze iNdlovukazi njengegugu uZulu ayelibolekwe nguNkulunkulu,
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokukhumbula iNdlovukazi obuKwaNongoma.
Umcimbi ubuhlelwe yinhlangano engenzinzuzo ekhulisa izintombi namabhungu, Ubuhle Bezolo Lethu Youth Development Organisation.
INdlovukazi izala iSilo futhi iyona eyayibambe ubukhosi ngaphambi kokuthi iMbube uMisuzulu ingene esihlalweni.
INdlovukazi iyona eyayiphambili ngesikhathi kuvuselelwa uMkhosi woMhlanga ngo-1984.
UNdlunkulu uthe ukuvuselelwa kwalo mkhosi kwenza ukuthi ubukhosi bukaZulu buhlonipheke.
"Wasiza ngokuthi alivuselele isiko lethu ngoba uma ngiyaye ngicabange eNdlunkulu noma ebukhosini bethu kaZulu, iyona nto esiqhakambisa kakhulu ukugcina usiko lwamatshitshi. Lubalulekile, nibalulekile. nisigcinele usiko, nisigcinele isithunzi saseNdlunkulu. Ikhona okubalulekile Mageba, saziwa ngakho."
UNdlunkulu uthe bazohlezi bekubonga abakwenzelwa yiNdlovukazi.
"Siyambonga kakhulu uMntanenkosi. Kuyaye kushiwo ukuthi vele umuntu ubongwa esefile. Ukube sasazi, mhlawumbe sasiyosheshe simbonge ukuze ahambe esezazi ukuthi ubaluleke kangakanani."
Umholi weqembu lomama elasungulwa yiNdlovukazi, iSivivane, uMntwana uTobhi Zungu, uthe uMkhosi woMhlanga ukhiqize odokotela, othisha, abahlengikazi, nosonhlalakahle.
"Akusemnandi kwabanye uma kuvezwa iqiniso likaMntanenkosi. Sengathi lingathanda lihambe linyatheleka kanti izwe liyalazi iqiniso likaMntanenkosi."
UMntwana uTobhi uthe iNdlovukazi ayigcinanga ngokubaphambili ekuvuselweleni koMkhosi woMhlanga njengoba yasungula uMkhosi weSivivane, okungumkhosi womama.
Uthe iNdlovukazi yaphinda yaba phambili nasekuvuselelweni koMkhosi woSelwa.
"Kuthiwa kwakuvele kukhona emandulo, kuphela kwakulele kungavuselelwe. Ngo-1990, wabona ukuthi cha, angithi yena uyakwazi le ngakubo, ufika la KwaZulu akwenzeki. Usethi ke akube noMkhosi wokweShwama. Kwaqala kwathiwa uMkhosi wokweShwama njengoba sekuthiwa uSwela. Kwakungekuhle ukuthi sithi uma silimile emasimini, bese kungabe kusaziwa umnikazi wawo uma sekudliwa."
Umholi wenhlangano ebihlele umcimbi, uNksz Mningi Andile Zuma, uthe ibilokhu iyisilonda kuyena eyokungaqhakanjiswa kweqhaza leNdlovukazi, wase ebona kugcono baqhamuke nalo mcimbi.
Related Topics: