UBUHOLI obuphezulu eqenjini iNFP buholwa yiPhini likaMengameli, uMnuz Milton Sokhela, uSihlalo waKwaZulu-Natal uNksz Mbali Shinga nabanye abaholi, bebonga umndeni womsunguli weqembu leNFP, uNkk Zanele kaMagwaza Msibi, ngokuba ingxenye yomcimbi wokumkhumbula oLundi
Image: Sithunyelwe
AKABONWANGA nangalukhalo uMengameli weNational Freedom Party (NFP), uMnuz Ivan Barnes, emcimbini wokubungaza impilo yomsunguli weqembu, uNkk Zanele "VZ" kaMagwaza-Msibi.
UBarnes bekumele abe yisikhulumi sosuku kulo mcimbi obuwenziwe ngale nyanga azalwa ngayo uKaMagwaza, obubanjelwe eMaqhinga, oLundi, ngoMgqibelo, kodwa ubengekho. Umcimbi ubuhanjelwe izinhlaka ezehlukene zeqembu.
Ngeledlule esithangamini sabezindaba, abaholi ababekhona bakuveza ukuthi bayithumele incwadi kuBarnes, bemmema ukuthi abe yisikhulumi sosuku.
Baphinde bakuveza futhi ukuthi ubengakaphenduli.
Isolezwe lithole ngemithombo yalo ukuthi wagcina engaphendulanga futhi akekho ebuholini obazi ukuthi ukuphi njengoba engathumelanga muntu futhi akangafaka sixoliso sokungawuhambeli lo mcimbi.
Kodwa inkulumo yosuku igcine yethulwe iPhini likaMengameli weqembu, uMnuz uMilton Sokhela.
Kuwona bekuheleza umoya wokuzwana njengoba ubugabe ngomculo nezinkulumo ezinhle ebezivela kubaholi beqembu, zikhumbula amagalelo kaVZ.
ABEPHUME ngobuningi amalungu eqembu le-NFP kukhunjulwa umsunguli waleli qembu ngempelasonto
Image: Sithunyelwe
Kodwa abanye abakushiyanga ngaphandle ukuthi kuleli qembu, kunesihlava esibi sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
Bathe ngeke bathule babukele kuhlukunyezwa umuntu wesifazane, abaholi ngaphakathi bengenzi lutho.
Obekhulumela intsha yaleli qembu, uMnuz Likhona Manci, uthe bazolwa ngakho konke abanakho ukuvikela ukuthi abesifazane abasezikhundleni abahlukunyezwa ngaphakathi eqenjini.
"Umama uZanele wasungula leli qembu ngenxa yokuhlukunyezwa abathile eqenjini i-IFP ayekulona. Le nto ngathi isiyabuya manje nala kwiNFP, njengoba kuhlukunyezwa abesifazane okuyinto esingeke siyivume. Okunye esingeke sikuvume ukuthi abaholi bangasinaki njengentsha uma kuziwa ezikhundleni eziphezulu. Baholi siyanitshela kusemanje, uma sekubhalwa uhlu njengentsha sifuna ukuba khona, uma kungenzeki lokho ngeke size silikhankasele iqembu," kusho uManci.
USokhela unxuse ukuthi kube nokuthula eqenjini, wathi ukujikijelana ngamazwi kwabaholi ezinkundleni zokuxhumana akukuhle.
"Siyanxusa ukuthi kube nokuthula eqenjini, njengoba uVZ ayenalowo mbono ngalo. Kubi lokhu esikubona emakhasini ezinkundla zokuxhumana, abaholi bejikijela amazwi kwabanye abaseqenjini nabo. Silujabulele kakhulu lolu suku, siyabonga kwababe nombono walo, sihlose ukuthi siqhubeke nalo silwenze nakwamanye amadolobha," kuchaza uSokhela.
Kushukume inkundla kusukuma uSihlalo waleli qembu KwaZulu-Natal, ophinde abe uMphathiswa woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Mbali Shinga, ngesikhathi ezodlulisa amazwi okubonga umndeni wakwaMagwaza ngokubeseka.
Esukuma amalungu eqembu acule ingoma ethi Wenzeni uShinga?, kwasukuma wonke umuntu okuphoqe ukuthi yena agcine ewamisile.
Ube esepha abakhulile izipho namalungu akade ekhona wonke izipho ezehlukene okukhona kuzo izingubo zokulala, izinduku zokudondolozela kwasebekhulile nezimpahla ezehlukene.
Related Topics: