UMCULI wokholo, u-Ayanda Ntanzi, enandisa enkonzweni yokukhulekela uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, eMbombela, eMpumalanga
Image: Sithunyelwe
BAGCINE befikile abaculi bowokholo yize bebesatshiswa ngokuthi bangabi yingxenye yenkonzo yokukhulekela uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisile kuleli, uMnuz Senzo Mchunu, ebiseMbombela, eMpumalanga, ngoMgqibelo.
Laba baculi batheleke ngomnyama enkonzweni yokukhulekela uMchunu ebiseMbombela Civic Centre.
Abaculi abahlukene bathe bakhethe ukufika ngobumnyama ngenxa yezinsongo abebebhekene nazo.
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu
Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers
Le nkonzo ebihanjelwe amakholwa amahlelo ehlukene, iqale ngo-8 ebusuku esikhundleni sika-6 ngenxa yezinsongo ebezibhekiswe ngisho kumakholwa abezoyihambela nabaculi bengabonwa.
Omunye wabaculi ocele ukungadalulwa, uhlebele abezindaba ukuthi kumethusile ukusatshiswa ngabaholi bakaKhongolose, ekubeni bengashongo lutho ngesikhathi enandisa emcimbini we-NFP nowe-IFP.
"Ayi, mina ipolitiki vele angiyijwayele kodwa kulokhu ngithukile ukuthi sengingaze ngisatshiswe abantu abaseqenjini elilodwa nobaba uSenzo Mchunu. Ngokwami bengibheke ukuthi kungaba yinto lena engenziwa izinhlangano eziphikisana ne-ANC. Okwangempela ngishaqekile futhi ngicishe ngangeza. Ngishaywe unembeza wokuthi sengikhokheliwe ngaze ngaqashelwa nendawo yokulala okuyizindleko ezinzima lezo," usho kanje.
Yize abaculi abaningi bebekhala ngokuthi bebesatshiswa kodwa bafike bayishukumisa inkundla, amakholwa avukwa umoya.
Ngisho abefundisi bashumayele kwaze kwashaya izintathakusa, besho ngazwi linye ukuthi bona abasibo abehluleli. Abanye baze baxwayisa uMchunu obengekho kule nkonzo, ukuthi uma eqhelelana nenkonzo uzobuthwala ubunzima.
UPastor Busisiwe Ngcobo we-The Church of Jesus Christ obesuka eThekwini, uthe bona banqume ukuhambela le nkonzo ngoba bezwelana kakhulu nomndeni kaMchunu.
"Uyabona lesi simo sibi. Uyacabanga ukuthi kwenzakalani ezinganeni zikaMchunu? Yena umkakhe uyamcabanga ukuthi ukusiphi isimo uma kunje? Yingakho-ke sinqume ukuzohlanganyela nabanye abazalwane ukuzokhulekela uMchunu nawo wonke umndeni wakhe kulobu buhlungu ababhekene nabo," usho kanje.
Lo mkhuleko uhlelwe ngesikhathi lapho kulindeleke khona ukuba uMchunu abuyele kwiKhomishana kaMadlanga ephenya ngokusebenzisana kwamaphoyisa nezigebengu.
UBishop Pretty Mhlongo-Sithole wasePienaar, eMpumalanga, uthe noPawula eBhayibhelini, wakhulekelwa esejele ngakho abasibonanga isidingo sokusaba ukuzokhulekela uMchunu.
"Akekho onamandla okwahlulela omunye umuntu nokumkhaphela noma ngabe lowo okhulekelwayo ungumoni kangakanani. Thina esikwaziyo ukuthi ayikho inkantolo esathole uMchunu enecala ngakho kithi nasemehlweni kaJehova umsulwa," usho kanje.
Related Topics: