UMSAKAZI we-East Coast Radio, uZisto, ephahlwe wuNonto R noSipho Alphi Mkhwanazi abashiye izithameli zihalela impinda kwi-Comedy Meets Gospel
Image: FACEBOOK
IZITHAMELI zigcwale phama kwi-Comedy Meets Gospel: A Decade of Laughter eSuncoast Casino (Tsogo Globe) eThekwini
Image: FACEBOOK
OSOMAHLAYA baveze amanye amakhono kwi-Comedy Meets Gospel: A Decade of Laughter eSuncoast Casino (Tsogo Globe) eThekwini, ngoMgqibelo.
Kulo mcimbi, uNomthandazo "Nonto R" Rubushe ubebungaza ukuqeda iminyaka eyishumi ebambe insimbi eshisayo kule ndima.
Uqophe umlando ngokukwazi ukugcwalisa phama le ndawo. Okuqaphelekile ukuthi osomahlaya abaningi bahlekise kakhulu ngamavesi ebebewacaphuna eBhayibhelini nangamahubo ahlatshelelwa ezinkonzweni.
Umethuli wezinhlelo zethelevishini, uSipho Alphi Mkhwanazi, uyena ovule inkonzo ngengoma ethi We Bangcwele, maqede wathandaza okwangampela. Njengamanje u-Alphi wethula uhlelo olukuMzansi Wethu ngoLwezine ngo-6.30 oluthi Face To Face futhi ubethula oluthi Stina kuMzansi Magic.
Ukhombisile ukuthi uma kungasahambi kahle emkhakheni wezokungcebeleka, angakwazi ukuziphilisa ngomculo wokholo nangevangeli ngoba unobizo. UNonto R obebambisene no-Alphi ekuphathweni kohlelo, ushiye izithameli zisahalela impinda.
Nakuba abesebenzisa kakhulu ulimi oluqosheme kodwa ukhombisile ukuthi iBhayibheli uyalifunda kangangoba ubecaphuna izehlakalo ezenzeka ngempela eBhayibhelini. Ubengagcini ngokucaphuna amavesi kodwa nezingoma zendumiso bezingasali.
Ubekuthatha akubeke uma ekuchazela ngomehluko phakathi kokusonta kwabantu abamnyama nabamhlophe. Ubethi uma ekuchazela ngokuthi izinkonzo zabantu abamnyama ziba wundendende kodwa ezabamhlophe ziba mfishane. Lokhu ukukhombise ngokucaphuna izingoma nemithandazo yakhona.
Omunye futhi usomahlaya ochaze abazalwane nguSimunye "ChurchBoy" Sikhakhane. Abantu bachazwe yizintshumayelo zakhe kanye nemihlabelelo. Nakuba kunjalo kodwa oKhanyisa Bunu, Justice Kubheka noTall A$$ Mo, benze abadume ngakho.
Emuva kosomahlaya, kube sekungena abaculi bokholo uDumi Mkokstad, Jumbo noXolly Mncwango. Bavele bayithatha indumiso bayibeka phezulu. Ezithamelini bekugcwele kakhulu izithandani kwazise bekugujwa iValentine's Day.
Yize bekunomculo wokholo kodwa nophuzo beluphezulu kwabanye ebebehambele lo mcimbi ngenxa yokuthi bewuxhaswe nayiSavanna ngokubambisana neCebolethu, Châteaux nezinye izinkampani.