BEKUKUHLE kudelile eMkhosini woMthayi obubanjelwe eManguzi, ngoMgqibelo
Image: Facebook/INdlunkulu kaZulu
IMPI yeNgonyama ibikhona eMkhosini woMthayi
Image: Facebook/ INdlunkulu kaZulu
IWOTHA ubomvu iNdlunkulu kaZulu nobukhosi bakwaTembe, ngababhikishi abazame ukuphazamisa uMkhosi woMthayi obekufanele uhanjelwe iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
INdlunkulu kaZulu nobukhosi bakwaTembe bukhale ngokugcweleza kwababhikishi abavale imigwaqo ngosuku lomkhosi obubanjelwe eMfihlweni, eManguzi, ngoMgqibelo.
IMbube igcine ingafikanga kulo mcimbi. Ngokusho kweNkosi uMabhudu Israel Tembe, umbhikisho ubuhlelwe yinhlangano yamalungelo abantu, iManguzi Civil Organisation. Ababhikishi bakhiphe isimemezelo ngaphambi komkhosi, bathi awumiswe, baphinde futhi bahlaba nekhwelo eminyangweni kahulumeni ukuba iyeke ukuxhasa umkhosi.
Ababhikishi bafuna iNkosi uTembe yehle esihlalweni.
"UMabhudu usevele obala ukuthi uyinkosi engenalo iqiniso futhi uyinkosi engenazwelo esizweni. Inkosi engenaqiniso ayikwazi ukuhola isizwe ngeqiniso kanti futhi nesizwe asikwazi ukuvumela ukuholwa ubuholi obungenaqiniso," kusho isimemezelo sababhikishi esibonwe yiSolezwe.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwabaholi benhlangano ayizange iphumelele.
Inkosi uTembe igxeke isenzo sababhikishi, yathi inhlangano idala uthuthuva esizweni.
"Kunenhlangano yomphakathi ethanda ukuphazamisa kakhulu kule sizwe sakwaTembe ebizwa ngokuthi iManguzi Civil Society, eyenze ukuthi ubukhosi baphelelwa ithemba. Yenze ukuthi ubukhosi bunukubezeke ezinkulumeni nasezenzweni abazenzayo."
Inxuse abenhlangano ukuba balandele imigudu efanele uma befuna ukudlulisa izikhalazo.
"Uma kukhona okukhona okuthile okuyizikhalazo zomphakathi, asinikezwe khona ngenhlonipho khona sizokwazi ukukusebenza ngenhlonipho. Hhayi ukuthi sihhahhamezane ngenhlamba, sijojane ngemikhonto ukuba senze abakuthandayo. Akuzukuhamba kanjalo. Siyafisa ukuthi sibe izwe elaziwa ngokuthula kanye nenhlonipho. Ziningi kakhulu iziphithiphi ezenzekile. Kufakwa izingodo emigwaqweni nezipikili."
UShansela weNdlunkulu kaZulu, iNkosi Malusi Zondi, uthe ngeke bavunyelwe ababhikishi ukuba bazenzele umathanda.
"Sizocela ukuthi bake basiphe indlebe. Omdala akayithandi into abayenzayo. La emhlabeni wakho nkosi, umhlaba weSilo. Abantu uma befuna ukuletha izinkinga ukhona oMdala okubekile. Abangazenzeli umathanda endaweni yakho nkosi. Ngivulelekile ukuthi sixoxe, asixoxe nabo. Kodwa ngeke sikuvume ukuthi bazenzele umathanda, singakaxoxi nabo."
Umkhosi uqhubekile futhi ubuhanjelwe abaNtwana baseNdlunkulu kanye nosotswebhu omkhulu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Blessed Gwala.
Related Topics: