USOMLOMO woMkhandlu waseMpendle, uMnuz Zibuse Dlamini neMeya uMnuz Kwenzakufani 'Kho' Dlamini, abaqokwe ngesonto eledlule
Image: Sithunyelwe
ZIYAGIBELANA izinkinga kuMasipala waseMpendle njengoba kubhuntshe umhlangano womkhandlu osemqoka ngoLwesihlanu.
Umhlangano uchitheke emva kokugasela kosomabhizinisi abathi bakweletwa umkhandlu. Osomabhizinisi bangene nezicabha emhlanganweni, bathi umhlangano ngeke uqhubeke bengakayitholi imali yabo.
Phakathi kwezinto obekufanele zixoxwe emhlanganweni wangoLwesihlanu, kubalwa isiphakamiso sokuba umkhandlu ucele uxhaso lwemali, ukuqokwa kosihlalo bamakomiti omkhandlu nokubhunga ngekusasa lemenenja kamasipala, uMnuz Zakhele Tshabalala.
UMasipala waseMpendle ubhekene nenkinga yezezimali njengoba abasebenzi bengazange bahole ngenyanga edlule.
Ngokuthola kweSolezwe, emhlanganweni wangoLwesihlanu, bekuzothathwa isinqumo sokuba umasipala ucele ukunikwa u-R5 million wuMasipala wesiFunda uMgungundlovu.
Kukhona amakomiti omkhandlu asale engenabo osihlalo kulandela ukuqokwa kweMeya uMnuz Kwenzakufani Dlamini noSomlomo omusha uMnuz Zibuse Dlamini.
Leli phephandaba lithole ukuthi osomabhizinisi bangene emhlanganweni kwaba ncane indawo.
Umthombo uthe osomabhizinisi bahlale usuku lonke begadile ukuthi umhlangano awuqhubeki, baze bathenga ngisho inyama, badla.
"Bafike basitshela ukuthi umasipala uyabakweleta, bathi futhi abayi ndawo bengayitholile imali yabo. Cishe bebela ko-20 laba bantu. Abanye basale ezimotweni. Bebenezinhlamba, abanye futhi bebesisongela. Bathe kungamane kufe umuntu impela."
Usihlalo wenhlangano yosomabhizinisi, Impendle Business Forum, uMnuz Andile Madlala, uthe umasipala ubakweleta imali enkulu.
Uthe kukhona osomabhizinisi bendawo abayisithupha abakweletwa imali ephakathi kuka-R400 000 no-R800 000.
UMadlala uthe babekade besebenza ngesikhathi kulungiswa imigwaqo.
Uthe okubacasula kakhulu ukuthi kunezinkampani okungezona ezasendaweni ezikhokheliwe yize zingawuqedile umsebenzi.
"Kukhona izinkampani okungezona ezasendaweni, othi uma uthi uyabheka umsebenzi eziwenzile u-40% kodwa uma uthi uyabuka sezikhokhelwe u-90% wemali. Thina sesihlale unyaka wonke silinde ukukhokhelwa."
UMadlala uthe izikhulu zomkhandlu zibatshele ukuthi ayikho imali yokubakhokhela.
"Bathe abakwazi ukukhuluma amanga, bathi imali ayikho. Nathi ke sithe ayikho ke into ezokwenzeka."
Kwenzeka konke lokhu nje, nabasebenzi bebebhikisha ngaphandle komkhandlu, befuna imiholo yabo.
IMeya uDlamini ikuqinisekisile ukubhuntsha komhlangano kodwa yakuphika ukuthi osomabhizinisi bafike ngesankahlu.
UDlamini uthe baxoxa kahle nosomabhizinisi, kwabe sekuvunyelwana ngokuthi kube nomhlangano kuleli sonto, lapho khona osomabhizinisi bezoletha yonke imininingwane yokuthi bakweletwa malini.
Uthe imali ekweletwa osomabhizinisi yabuyela emuva eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
"Imali eyayikade ingasebenzanga, umasipala awuyitholanga imvume yokuthi uyigcine le mali."
Ikhansela le-IFP, uMnuz Sadewu Ngubane, lithe bebengazi ukuthi umkhandlu ukweleta osomabhizinisi.
UNgubane uthe okubuhlungu ukuthi ukubhuntsha komhlangano wangoLwesihlanu, kubaphuthisele ngethuba lokuba benze izicelo zokulekelelwa ngemali.
"Bakhona abantu abebefuna ukusilekelela ngemali. Into abebeyidinga nje ukuthi silethe isinqumo somkhandlu lapho khona sivumelana ngokuthi sicela usizo lwemali. Njengoba singakwazanga ukuthatha isinqumo, kusho ukuthi asikwazi ukuphuma siyocela usizo lwemali ngaphandle."
IKhansela le-EFF, uMnuz Sifiso, lithe kubukeka zisasoqhubeka izinkinga ezikhungethe umkhandlu.
"Kubukeka zisasinakashele izinkinga kulo masipala ophefumula ngenxeba."
Related Topics: