Izindaba

Inkosi uZondi isukumela olokuvalwa kwenkampani kashukela

Nokubongwa Phenyane|Published

INKOSI uMalusi Zondi isiveze ukuthi izobalwela abasebenzi kanjalo nabalimi bamoba njengoba iqina imibiko yokuvalwa kwenkampani enkulu kashukela, iTongaat Hullets

Image: Sithunyelwe

INKOSI uMalusi Zondi ephinde ibe nguShansela eNdlunkulu kaZulu futhi enguMengameli weBlack Business Federation, isiveze ukuthi izolusukumela udaba lokuvalwa kwenkampani enkulu kuleli ekhiqiza ushukela, iTongaat Hullets.

Lokhu ikusho ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi le nkampani ingase ivale okungashiya abasebenzi abaningi bephelelwe umsebenzi.

UZondi uthe azokwenza ukuvikela abalimi abamnyama bamoba kanjalo nabasebenzi bale nkampani okuvela ukuthi isesigabeni sokugcina ukuthi kuphele ngayo.

Esitatimendeni asikhiphele abezindaba, uZondi uthe uzolwa kuze kube sekugcineni noma kunzima kanjani.

"Kukhona abalimi nabasebenzi abasakweletwa yile nkampani imali eningi kabi njengoba sekuvela ukuthi ingase ivalwe nje. Okokuqala okumele sikwenze ukuba sikulwele ukuthi abakweletwayo kumele bakhokhelwe kuqala ngaphambi kokuthi ibhekelele amabhange nabanye okumele bakhokhelwe. Uma isikhokhele iSARS, kumele kube abasebenzi abalandelayo," kuchaza uZondi.

Uthe uyakholelwa ekutheni amabhange angama ekutheni akhokhelwe, kubekwe kuqala abasebenzi nosomabhizinisi abasafufusa.

"Inkampani iVision Sugar iyona ethenge izikweletu zeTongaat Hullets njengoba ibinesikweletu esiwu-R11,7 billion ngakho mina ngizimisele ukuthi ngisebenzisane nabo ukuya phambili futhi sibambisane sonke ekutheni sisebenzele umuntu omnyama. Siqinisekisa ukuthi abalimi kanye nabasebenzi abamnyama abazitholi sebecindezeleka kulolu hambo oluzothathwa kusuka manje njengoba sekuvele lezi zindaba," kusho uZondi.

Uthe uzimisele ukuma nabantu abazimisele ukusebenza naye lolu daba kuze kube sekugcineni njengoba kukhona izinqumo ezisenziwa ngaphakathi kule nkampani.

Izinhlangano ezehlukene ezitshala umoba okukhona kuzo, iSA Canegrowers, zikhiphe izitatimende ezehlukene ziveza ukukhathazeka kwazo ngalezi zindaba.

Zisho ngazwi linye elithi lokhu kuzobashaya kakhulu ephaketheni njengoba bezophelelwa umsebenzi abantu abaningi futhi imikhiqizo yabo abazi ukuthi izoshonaphi manje.