Izindaba

Aphikisayo akhala ngomfudumezo kaRamaphosa

Sabelo Nsele|Published

UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, ubehola umbhikisho ngaphambi kwenkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa eKapa izolo Isithombe: Ayanda Ndamane/ Independent Media

Image: Ayanda Ndamane/ Independent Newspapers

AMAQEMBU aphikisayo akhale ngokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa uphinde izinto ahlezi ezithembisa angazifezi ngesikhathi ethula inkulumo yakhe.

Iqembu eliphikisa ngokusemthethweni, iMKP kanye ne-EFF, bathe akukho okusha okushiwo uRamaphosa.

Ilungu leMKP ePhalamende, uMnuz Mzwanele Manyi, lithe bebelindele ukuthi uRamaphosa asho ukuthi yiliphi ibanga aselihambile ekufezeni izinto ayezithembisile ngonyaka odlule.

UManyi uthe uvele wamangala uma uRamaphosa esephinda izinto ahlezi ezisho.

"Umoshiwe nje lo R7 million (osetshenziswe kuhlelwa inkulumo). Ngabe uvele wethula nje inkulumo esehhovisi lakhe. Besingekho isidingo sokuthi asibizele ukuzosiphindela into ahlezi esitshela yona."

UManyi uthe umholi weMKP, uMnuz Jacob Zuma, ukhethe ukungalubhadi ePhalamende ngenxa yakho ukuthi ubazi ukuthi ayikho into entsha ezokhulunywa uRamaphosa.

Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe izethembiso ezenziwe uRamaphosa izolo ubengaqali ukuzenza.

"Umehluko nje wukuthi kulokhu ubekhuluma ngokuzethemba. Kade aqala ukukhuluma ngale zinto. Kungani namanje esalokhu ephinda le nto yokuthi kuzotshalwa izigidi zamaRandi ekulungiseni ingqalasizinda yamanzi? Kade ayelokhu esibelesela ngale nto. Kwatshalwa imali ohlelweni lwamanzi eGiyani kodwa namanje amanzi awaphumi. Le nto ikutshela khona ukuthi uhulumeni uhlulekile wukulungisa udaba lwamanzi."

Amaqembu abusa ngokubambisana ayishayele ihlombe inkulumo kaRamaphosa, ancoma isinqumo sakhe sokujuba amasosha ezindaweni ezikhungethwe wubugebengu.

Okhulumema i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe nakuba kuyinto enhle ukujutshwa kwamasosha, kodwa lesi sinqumo sikhombisa ukuthi amaphoyisa ayahluleka ukulwa nobugebengu.

"Siyakujabulela ukujutshwa kwamasosha kodwa kukhombisa ngokusobala ukuthi amaphoyisa ayahluleka ukwenza umsebenzi wawo. Kufanele kuqalwe uhlelo lokulungisa umonakalo osemaphoyiseni."

Iphini likanobhala jikelele we-ANC lokuqala, uNkk Nomvula Mokonyane, lithe uRamaphosa ukhulume ngezinto ezibambekayo.

"Izinto akhulume ngazo zithinta abantu kakhulu. Indaba yokulungiswa komasipala, ukulwa nobugebengu kanye nokuthuthukiswa komnotho. Siyazi ukuthi abantu abaningi bahlezi lubhojozi ngenxa yobugebengu. Siyakujabulela ukujutshwa kwamasosha ukuba ayolekelela ekulweni nobugebengu."

UMholi weDA ophinde abe wuNgqongqoshe wezoLimo, uMnuz John Steenhuisen, uncome ukuhlonzwa kwamatele njengenhlekelele.

USteenhuisen uthe ukuhlonzwa kokubheduka kwamatele njengenhlekelele kuzolekelela umnyango awuholayo ukuba ukwazi ukuphuthumisa uhlelo lokugoma imfuyo.

Uthe kuzoqala maduze ukugonywa kwemfuyo, wathi kuzophinde kuqiniswe nemithetho elawula ukuthuthwa kwemfuyo.