Izindaba

Okusha ngokufika komgomo wamatele

Sabelo Nsele|Published

Thamsanqa Ntuli

Image: Supplied

KULINDELEKE ukuthi ufike kuleli sonto umgomo wesifo esidlange KwaZulu-Natal, amatele.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe balindele ukuthi kufike imigomo ewu-1.5 million.

Ukusho lokhu ngesikhathi ehlangene nomphakathi waKwaXimba, eThekwini, lapho ebeyoxwayisa khona ngokubheduka kwamatele.

UNtuli uthe isifundazwe iKwaZulu-Natal yisona esizothola ingxenye enkulu yemigomo ezofika kuleli sonto.

"Amatele abhoke kakhulu lapha KwaZulu-Natal, futhi yithina esinemfuyo eningi. Thina sinemfuyo elinganiselwa ku-2.4 million. Silindele ukuthi ijovwe le mfuyo."

UNtuli uthe uma isifikile imigomo bazoqala uhlelo lokugoma imfuyo, wathi bazohambela zonke izingxenye zesifundazwe uma sekuqale uhlelo lokugoma. 

"Izokube ijovelwa khona emadiphini. Yimishanguzo yamahhala lena, ayidayisi. Sithi ngoba nakhu sesize sayithola imishanguzo, sesinethemba lokuthi iyafika kuleli sonto, sekufanele abantu bakithi babone izinhlelo, baxhumane nabeluleki abakhona ezindaweni zabo ukuzwa ukuthi ngakubo ukujova kuzofika nini."

UNtuli uthe imishanguzo ezofika ivela emazweni angaphandle.

Amatele kuqalwe ukubikwa ngawo KwaZulu-Natal ngo-2023, adlanga kakhulu ngonyaka odlule.

UNtuli uthe ukungatholakali komjovo ngokushesha kukhahlameze abafuyi abaningi.

"Kwakuyoba ngcono ukube le mishanguzo sasheshe sayithola ngoba ngabe songe umnotho omningi wesifundazwe."

UNtuli uthe namanje basathwele kanzima abafuyi.

"Kuyaphazamiseka ngoba umuntu ofuna ukuyodayisa kwenye indawo kufanele aqale  abambe amatomu. Kwesinye isikhathi uma imfuyo isihlabekile, kufanele iqale ivalelwe yodwa ngaphambi kokuthi ithole incwadi yokuthi isingahamba iye kwenye indawo. Sesishaye umthetho wokuthi asifuni kube khona imfuyo ezosuka kwesinye isifunda, iye kwesinye isifunda ngenxa yokuthi sigwema khona ukusabalala kwamatele."

Abaphathiswa beminyango ehlukene bebehambele ezifundeni ezahlukene zesifundazwe izolo, beqwashisangamatele.