Izindaba

Kugobe uphondo ku-O'Sullivan ovume ukuvela ePhalamende

Sabelo Nsele|Published

Paul O’Sullivan

Image: Werner Beukes / Independent Media Archive

LUGCINE lugobile uphondo kumphenyi wamacala ozimele, uMnuz Paul O'Sullivan, wavuma ukuzifikela mathupha ePhalamende lapho ezophekwa khona ngemibuzo yikomiti eliphenya izinsolo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi. 

U-O'Sullivan ugcine evumile ukuzifikela mathupha namhlanje nakusasa ePhalamende emva komdonsiswano omude.

U-O'Sullivan ubenqaba ukuzifikela mathupha ePhalamende, ekhala ngezokuphepha.

Kepha izolo ikomiti lizwe ukuthi ugcine evumile ukuzifikela mathupha. 

Usihlalo wekomiti, uMnuz Soviet Lekganyane, uthe abameli bekomiti kanye nabaqaphi basePhalamende benze umsebenzi oncomekayo.

"Abameli abazange baphele umoya. Nababheke ezokuphepha benze umsebenzi oncomekayo, baqinisekisa ezokuphepha njengoba behlezi benza uma kuzoba nemicimbi emikhulu. IPhalamende yindawo ephephile."

U-O'Sullivan kulindeleke ukuthi akhulume ngezinsolo zokuthinteka kukaMkhwanazi ecaleni lokuthumba nokuhlukumeza, izinsolo zobugebengu ezibhekiswe ethimbeni eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal kanye nezinsolo zenkohlakalo ezibhekiswe kohola ithimba, uLieutenant General Dumisani Khumalo. 

Ubufakazi bakhe buzophinde buthinte uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uLieutenant General Fannie Masemola. 

Ikomiti lisaqhubeka nokuxhumana nosomabhizinisi, uMnuz Brown Mogotsi, onqaba ukuzifikela mathupha.

Ikomiti lizwe ukuthi uMogotsi uzothunyelelwa amasamanisi amphoqa ukuba avele  ekomitini uma kuze kushaya elakusasa kungavunyelwana.

Ilungu le-ANC, uNksz Khusela Sangoni, libonge ukungenelela kukaSomlomo wePhalamende, uNkk Thoko Didiza, kulolu daba.

UNkk Didiza waluleka amalungu ekomiti ukuba angajahi ukuthumela u-O'Sullivan noMogotsi amasamanisi, aqale aqinisekise ukuthi alandela yonke imigomo ngaphambi kokuthumela amasamanisi.

"Besilokhu sisho ukuthi u-O'Sullivan noMogotsi akufanele bavunyelwe ukuthi bathule ubufakazi besebenzisa ezobuchwepheshe. Ekugcineni usomlomo ukwazile ukuqhamuka neqhinga elisilekelelile njengoba u-O'Sullivan ezozifikela mathupha."

USotswebhu omkhulu ePhalamende, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe beludinga ubuchule udaba luka-O'Sullivan.

"Ukube sixhamazelile, sajaha ukukhipha amasamanisi, le ndaba ibizogcina iphelela ezinkantolo."

I-MKP ne-EFF bathe awukho umlingo owenziwe wuNkk Didiza.

Ilungu leMKP, uMnuz Sibonelo Nomvalo, lithe ingcindezi yamalungu ekomiti iyona eyenze ukuthi u-O'Sullivan ehlele ngezansi.

"Ukube asizange sidaze inkani ngabe namanje u-O'Sullivan usaqhubeka nokusidelela. Ukuqinisa kwethu amakhanda kwenze u-O'Sullivan wabona ukuthi akudlalwa lana. Ubonile ukuthi asibona abangani bakhe yingakho egcine egobe uphondo."

Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema,  usole uNkk Didiza ngokuzama ukuvikela u-O'Sullivan. 

"Awukho umlingo owenziwe usomlomo lana. Amalungu ekomiti yiwona alwele ukuthi u-O'Sullivan azifikele mathupha."

Nokho ilungu lePA, uMnuz Ashley Sauls, lisole iMKP ne-EFF ngokulwa izimpi zepolitiki. 

"Ukuba usomlomo uxhamazelile, iPhalamende belizofika libe yinhlekisa enkantolo. Usomlomo wenze isiqiniseko sokuthi silandela yonke imigomo ngaphambi kokuthi kuthunyelwe amasamanisi."