I-ANC KwaZulu-Natal imise amakhansela amane uMalcolm Dlamini, uNokuvela Ngcobo, uWonderful Zibuse Dlamini, noThabani Makhaye
Image: Facebook
BATHI abadala "ithi ingaba nkulu ingabe isazekeka" njengoba kunzima ukuchaza umdonsiswano wobuholi oqhubeka kuMasipala waseMpendle.
Lo mdonsiswano ulahlisa ngethemba futhi kubukeka sisekude ukutholakala isixazululo njengoba i-ANC ivukelana yodwa.
Belilikhulu ithemba lokuthi zizoxazululeka izinkinga ezibhekene nomasipala ngesikhathi kubizwa umhlangano wokuqoka imeya nosomlomo, ngoLwesihlanu.
Umasipala ubusuhlale izinyanga eziyisithupha ungenayo imeya kulandelwa ukukhishwa kukaMnuz Buyisani Mlaba owakhishwa ngoJulayi wangonyaka owedlule.
Ukungabi khona kobuholi kudale izinkinga eziningi okubalwa kuzo ukungaholi kwabasebenzi kanye nokuvalwa kwamahhovisi omkhandlu.
Kuze kube abasebenzi abakaze bayithole imiholo yabo yangenyanga eyedlule.
Ithemba lokuthi zizoxazululeka izinkinga ezikhungethe umasipala lisheshe lashabalala ngesikhathi i-ANC imemezela ukumiswa kweMeya entsha uMnuz Kwenzakufani Dlamini, uSomlomo uMnuz Zibuse Dlamini, uSotswebhu uMnuz Thabani Makhaya noNksz Nokuvela Ndlovu.
La makhansela amiselwe izinsolo zokushaya indiva umyalelo weqembu wokuba avotele uNksz Nonjabulo Ndlovu, ngesikhathi kukhethwa imeya entsha.
Okwenza kube nzima ukuthi nawo la makhansela akuphonsela inselelo ukumiswa kwawo, nokusho ukuthi kungase kube nomdonsiswano wasenkantolo.
Amakhansela athe i-ANC ayinawo amandla okuwamisa emsebenzini, athi umkhandlu kuphela onamandla okuthatha isinqumo sokuwamisa.
Akulula ukuxosha ikhansela elishaya indiva umyalelo weqembu. Amakhansela ajwayele ukuya ezinkantolo, amacala avamise ukuthatha isikhathi eside equlwa ezinkantolo.
Isibonelo nje, amaqembu iNFP, ABC neTeam Sugar, ake azama ukuxosha amakhansela.
La maqembu azokutshela kahle ukuthi namanje asaqula amacala amakhansela amanye angena ezinkantolo ngo-2021, njengoba seliphela nje ihlandla lokubusa kwawo.
Kusobala ukuthi ukusebenza komkhandlu kuzophazamiseka ngesikhathi kusedonsiswana ezinkantolo.
Kungakuhle uma izinhlangothi ezithintekayo zingahlala phansi, zithole isixazululo, zigweme umdonsiswano wasezinkantolo.
Related Topics: