UThabo Mathonsi Chonco obhekene noxhaxha lwamacala okubulala
Image: Sigciniwe
NGOKWEZIGIGABA zokubulawa kwabantu yizinkabi kuleli, kungenzeka ukuthi uThabo Deon Sjava Mathonsi Chonco ubalwa nongqaphambili kubasocongi noma ngokuhlelwa kwalo msebenzi.
Kumanje lo mlisa obhadla ejele vele, ubhekene namanye amacala okuqotha imbokodo nesisekelo ezindaweni eziningi maphakathi neKwaZulu-Natal. Nguye futhi oboshwe neNkosi Simphiwe Erick Zuma, ecaleni lokubulawa kowayeyikhansela le-DA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu.
Akugcini lapho, uhamba inkantolo nje uvele uyindoda eyikazela ngomhlobiso ongavamile woxhaxha lwamacala okubulala. Amanye ala macala kuthiwa uChonco wawahlela esejele.
UChonco usanda kugwetshwa odilikajele abahlanu ngecala lokuqotha abantu abahlanu eBulwer. INkantolo eNkulu eMgungundlovu yezwa ukuthi uChonco wayengabazi nokubazi laba bantu abaqotha.
Kuthiwa wayethunywe wumzala wakhe owaziwa ngelikaSwarez ngenxa yombango womndeni. USwarez washona edubulana namaphoyisa ngo-2023.
UChonco ugqigqe waze wamfishane ezinkantolo kuleli sonto lapho ebebhekene khona namacala ahlukene, futhi usazoqhubeka nokuvela ezinkantolo njengoba ebhekene namacala amathathu okubulala phezu kwecala lokuqotha abantu abahlanu elisanda kumgojela.
Kuleli sonto uChonco uvele eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ngoMsombuluko nangoLwesithathu, lapho ebebhekene khona necala lokuqotha abantu bakwaMemela abayishumi.
Leli cala lizoqala ukuqulwa ngo-Agasti 24, kuze kube uSepthemba 18.
UChonco usolwa ngokuba iyngxenye yabantu abaqotha umndeni wakwaMemela, ngo-2023, eMbali, eMgungundlovu.
Waboshwa endaweni eyibangana uma usuka kwaMemela, eyogeza enyangeni yaseSwatini.
Itulo lokubulawa kwabakwaMemela kuthiwa lalihlelwe wuSwarez
USwarez kuthiwa wayesekhathazile eMgungundlovu, ikakhulukazi elokishini eMbali.
Umndeni wakwaMemela uqothwa nje kusolwa ukuthi wawuxabene nomunye umndeni endaweni, kwaze kwavulelwana necala lokushaya.
Kuthiwa kwaqala kwabulawa owakwaMemela owayengufakazi ecaleni lokushaya, ngaphambi kokuthi kuqothwe abayishumi.
Ukuqulwa kwecala sekubambezeleke isikhathi eside ngenxa yokuthi uChonco ubelokhu eshintsha abameli.
UChonco uboshwe noMnuz Thembelani Mbatha, ophinde abhekane necala lokubulala uNdlovu.
IJaji Nontuthuzelo Mlaba lizwakalise ukukhathazeka ngokubambezeleka kwecala, lanqumela uChonco noMbatha ugwayi katiki.
"Kufanele siqede ukuqula icala. Uma kukhona izinto okufanele nizixoxe nabameli benu kufanele nizixoxe manje yikhona kungeke kubambezeleke ukuqulwa kwecala."
Isolezwe lithole ukuthi uChonco usefuna ukulivuma icala kodwa ubengakavumelani nommeli wakhe.
NgoMsombuluko waphinde wavela eNkantolo yeSifunda eMgungundlovu, lapho ebebhekene khona necala lokubulala uNdlovu kanye nelokubulala owayelwa nokudayiswa komhlaba eMpophomeni, uMnuz Xolani Ntombela/Ndlovu.
Uzophinde abuyele enkantolo ngoFebhuwari 20.
UChonco uvele usekuvezile ukuthi ufuna ukulivuma icala lokubulawa kukaNdlovu.
Okuqaphelekayo wukuthi uChonco ubizwa ngezibongo ezahlukene njengoba kwesinye isikhathi ebizwa ngoMathonsi. Isolezwe alikayitholi incazelo ngalezi zibongo, noma esinye sazo siyigama.
Ubebonakala engathukile ngesikhathi evele enkantolo, ubelokhu exoxa nabasolwa aboshwe nabo.
Related Topics: