ISILO uMisuzulu kaZwelithini
Image: Sigciniwe
UMHLAZIYI wezepolitiki uxwayise abaholi be-ANC KwaZulu-Natal, ngobungozi bokuphikisana nesiphakamiso seSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, ngodaba lokushintshwa kwegama lesifundazwe iKwaZulu-Natal.
UMnuz Zakhele Ndlovu waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe i-ANC kuyobe izibeka engcupheni yokulahlekelwa omasipala esifundazweni uma kuzoyiwa okhethweni ibhekene ngeziqu zamehlo neMbube.
Usho kanje emva kokuba okhulumela iSilo, uMntwana uThulani kaGqikazi Zulu, ekhuze osopolitiki ukuba bangaphendulani neSilo kwabezindaba ngodaba lwesiphakamiso sokuba kushintshwe igama lesifundazwe.
UMntwana uThulani ukusho lokhu emva kokuba umgqugquzeli we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu, etshele abezindaba ukuthi bona abanayo nencane inkinga negama elikhona.
UMabuyakhulu utshele abezindaba ukuthi igama elikhona kwavunyelwana ngalo ezingxoxweni.
UMntwana uThulani uthe bakhombisa ukungayihloniphi iMbube labo abaphendula inkulumo yayo kwabezindaba.
"KwaZulu iNkosi yethu, iSilo, siyahlonishwa. Uma iNkosi yamaZulu ikhuluma, ibeka umbono wayo bese kuqhamuka abantu nje ubona ukuthi baphuma ezindaweni zepolitiki, bayashiseka, bese bezophendula iSilo kwabezindaba, akulungile lokho. Ngibona sengathi izinga le nhlonipho liya ngokushabalala. Yebo iNgonyama isuke ikhuluma ukuthi sixoxe ngale nto kodwa wena uma ususuka uhlala embhobhweni, utshela isizwe futhi ungena noma ucasha ngepolitiki, usuphendula iNgonyama ngokuthi wena awulifuni leli gama, ngibona sengathi inhlonipho ayikho."
UMntwana uThulani uphinde wagcizelela ukuthi bayaweseka umbono weMbube wokuba kususwe igama uNatal, isifundazwe sibizwe ngeKwaZulu.
Kuvele kunamaqembu amakhulu KwaZulu-Natal, i-IFP neMKP, asezwakalise ukweseka isiphakamiso seSilo.
UNdlovu uthe nakuba engakuboni okubi uma i-ANC ibeka umbono wayo, uthe ukubukeka kwayo sengathi iphikisa iSilo kungenza ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bangayivoteli okhethweni oluzayo.
I-ANC yalahlekelwa inqwaba yomasipala KwaZulu-Natal okhethweni lohulumeni basekhaya olwedlule.
Kwayiwa okhethweni lwango-2021, abaholi be-ANC KwaZulu-Natal besolwa ngokuphikisana nokuqokwa kweSilo.
Ngaleso sikhathi wawushisa phansi umbango weSihlalo sobuKhosi bukaZulu.
UNdlovu uthe i-ANC ingazithola ishaywa induku efanayo okhethweni lwakulo nyaka uma ingase ingalusingathi ngobunono udaba lokushintshwa kwegama lesifundazwe.
"Iqiniso ukuthi asiphili esikhathini lapho khona kuthiwa inkosi ayiphikiswa uma isikhulumile. I-ANC nayo njengeqembu lezombusazwe, inelungelo lokubeka umbono. Kodwa ke into engiyibonayo lana ukuthi abantu abaningi bayaweseka umbono weSilo. Abantu abaningi bayazigqaja ngokuba amaZulu futhi bayasithanda neSilo. Iqembu elizophikisana nombono weSilo lizokuba nenkinga. Yebo i-ANC inelungelo lokubeka umbono wayo kodwa futhi kufanele iqaphele njengoba kuzokuba nokhetho kulo nyaka. Akufanele bakhulume into ezobenza ukuthi bagcine belahlekelwa amavoti. Inzima le ndaba."
Related Topics: