Izindaba

Ozibulele ubenukeka ekufeni kuka-Witness D kwekaMadlanga

Sabelo Nsele|Published

UWiandre Pretorius uziphuce impilo enentombi yakhe eyiphoyisa.

Image: Itumeleng English/Independent Newspapers

UBENUKEKA ekusocongweni kukafakazi owethula ubufakazi ngokuyimfihlo (Witness D) kwiKhomishini ephenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, umlisa ozibulele, uMnuz Wiandre Pretorius.

UPretorius ozibulale ngoMgqibelo, ubesolakala ekufeni kukaMnuz Marius Van Der Merwe owasocongwa emva kokuthula ubufakazi phambi kweKhomishini eholwa yiJaji Mbuyiseli Madlanga, ngasekupheleni konyaka odlule.

Ethula ubufakazi esithe, uVan Der Merwe waninda uPretorius nabanye abangamaphoyisa kaMasipala waseKurhuleni ngokufa kukaMnuz Emmanuel Mbhense, owashona emva kokushaywa ngamaphoyisa omkhandlu.

Isidumbu sikaMbhense satholakala silahlwe ehlathini.

NgoMgqibelo, uPretorius uzidubule ekhanda emva kwengxabano nengoduso yakhe eyiphoyisa kanti ngeledlule uPretorius usinde edutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu.

Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe uPretorius waphekwa ngemibuzo emva kokusocongwa kukaVan Der Merwe.

"Babili abantu ababephenyelwa ukubulawa kukaVan Der Merwe. UPretorius uyena muntu wokuqala esampheka ngemibuzo emva kokushona kukaVan Der Merwe. Amaphoyisa ashaqa izibhamu, izinhlamvu namafoni kaPretorius njengengxenye yophenyo lwawo ngokufa kukaVan Der Merwe."

UBrigadier Mathe uthe uPretorius noVan Der Merwe bebephenyelwa ukubulawa kukaMbhense.

Uphenyo beluqhutshwa uphiko oluqaphe ukusebenza kwamaphoyisa, i-Ipid.

UBrigadier Mathe uthe i-Ipid isiluphothulile uphenyo lwayo, wathi abantu abane abathinteka ophenyweni lwe-Ipid badutshulwe babulawa ngesikhathi kuqhubeka uphenyo.

"Bangu-12 abantu abebephenyelwa ukufa kukaMbhense. UPretorius naye ubephenywa noVan Der Merwe. Umuntu wokuqala othinteka ecaleni lokubulawa kukaMbhense, wadutshulwa ngo-Mashi wango-2023. Umuntu wesibili wadutshulwa ngo-Okthoba wango-2025. Kwabe sekulandela yena uVan Der Merwe njengoba sekufe uPretorius."

UBrigadier Mathe uthe kungenzeka ukuthi abantu abathinteka ekufeni kukaMbhense baqothana bodwa, wathi bazoqala bathathelwe izinyathelo maduze abantu abathinteka ekufeni kukaMbhense.

"Njengoba i-Ipid isidlulisele umbiko wayo ngokusemthethweni, kukhona izinyathelo ezizothathwa kulona leli sonto noma ngesonto elizayo."