UMNUZ Zibuse Dlamini noMnuz Malcom Dlamini abaqokwe emhlanganweni wangoLwesihlanu, eMpendle
Image: Sithunyelwe
KUXABENE ubendle kuMasipala waseMpendle, okumiswe kuwo amakhansela amane okukhona kuwo imeya nosomlomo abasanda kukhethwa.
Kubukeka zisekude ukuphela izinkinga ezikhungethe lo mkhandlu ohlulwa ukuholela abasebenzi njengoba i-ANC inqume ukumisa amakhansela amane, asolwa ngokushaya indiva umyalelo wenhlangano.
Amakhansela amiswe emva kokuba i-ANC, iphenduke inhlekisa emhlanganweni wokuqoka imeya entsha obungoLwesihlanu.
Amakhansela amane e-ANC ashaye indiva bukhoma umyalelo wokuba aqoke uNksz Nonjabulo Ndlovu, kwesobumeya.
UNksz Ndlovu uphuthe ethembile ngesikhathi ejikelwa amakhansela e-ANC, aqoka uMnuz Malcom Dlamini, njengeMeya yoMkhandlu.
Abaholi be-ANC okukhona kubo umdidiyeli weqembu esifundazweni, uMnuz Jeff Radebe, baphume emhlanganweni wangoLwesihlanu, bethukuthele beqhuma.
Kube sekubizwa umhlangano ophuthumayo wethimba lesikhashana elihola i-ANC KwaZulu-Natal, lapho kuthathwe khona isinqumo sokumisa amakhansela athintekayo.
Ubuholi be-ANC bebufuna ukuthi uNksz Ndlovu, kube uyena ogaxwa amaketanga obumeya.
Amakhansela amisiwe uDlamini, kube uSomlomo uMnuz Zibuse Dlamini, uNksz Nokuvela Ngcobo, noMnuz Thabani Makhaye.
I-ANC inamakhansela ayisithupha kulo mkhandlu onamakhansela ayishumi. Amakhansela amisiwe aphethe amawadi amane kwamahlanu kuMasipala waseMpendle.
Amakhansela amabili e-ANC awudubile umhlangano kwathi amabili e-IFP, namabili e-EFF wona angavota.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Fanle Sibisi, uthe la makhansela awavumelekile ukwenza noma yini ethinta inhlangano noma umasipala njengoba kumiswe ubulungu bawo.
Umkhandlu ubusuhlale izinyanga eziyisithupha ungenayo imeya kulandela ukukhishwa kukaMnuz Buyisani Mlaba.
USibisi uthe bayazi impela ukuthi ukungabi khona kwemeya isikhathi eside eMpendle, kudale ukuthi umkhandlu ungene ezinkingeni okubalwa kuzo ukwehluleka ukukhokhela abasebenzi.
"Kodwa ke iqiniso ukuthi akekho umuntu ozovunyelwa ukuba azenzele umathanda. Sithanda ukwazisa abantu bakuWard 2, 3, 4 no-5 ukuthi lesi sinqumo esisithathile siyingxenye yokwakha kabusha inhlangano."
Amalungu e-ANC angahambisani nokuqokwa kukaNksz Ndlovu abebhikisha ngaphandle kwalapho obekubanjwe khona umhlangano.
Amaqembu aphikisayo athe ukumiswa kwamakhansela kuzophazamisa ukusebenza komkhandlu.
Ikhansela le-IFP, uMnuz Sadewu Ngubane, lithe izinkinga zangaphakathi kwi-ANC ziphazamisa ukusebenza komkhandlu.
"I-ANC iyona enamakhansela amaningi lapha emkhandlwini. Kusicacele emhlanganweni wangoLwesihlanu ukuthi i-ANC ihlukene phakathi. Sinxusa ubuholi be-ANC ukuba buyisukumele le ndaba ngoba ukungabi khona kobuholi kuphazamisa ukusebenza komkhandlu. Kuyasikhathaza ukungabambisani kwamakhansela e-ANC. Nathi besinikiwe umyalelo wokuthi sivote kanjani emhlanganweni kodwa ngenxa yezinkinga zangaphakathi kwi-ANC, kugcine kwenzeka ngale ndlela."
UNgubane uthe bebenethemba lokuthi ukuqokwa kwemeya entsha kuzokelekelela ekuxazululeni izinkinga.
Ikhansela le-EFF, uMnuz Sifiso Zuma, lithe ukumiswa kwamakhansela amane kuzophazamisa ukusebenza komkhandlu.
"Amakhansela amisiwe angosihlalo bamakomiti asemkhandlwini. Ukumiswa kwabo kusho ukuthi ngeke ihlale imihlangano yamakomiti. Lokhu kuzokwenza ukuthi umkhandlu ungasebenzi kahle. Imibiko efika lapha emhlanganweni womkhandlu isuke iqale emakomitini. La makhansela futhi aphethe amawadi. Kusho ukuthi amawadi azokube engamelelekile."
UZuma uthe i-ANC bekufanele isale isiwaxolela la makhansela noma eshaye indiva umyalelo wenhlangano.
"Sizophazamiseka impela, kuyimanje sinenkinga yabasebenzi abangaholile. Amahhovisi omkhandlu avaliwe ngenxa yokuthi abasebenzi abasezi emsebenzini. Sincane isikhathi esisele ngaphambi kokhetho. Kunezinhlelo zentuthuko ezimile."
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Senzelwe Mzila, uthe abakezukuphawula ngalolu daba.
Related Topics: