UMntwana uNhlanganiso kaZwelithini
Image: Sithunyelwe
UMFOWABO weSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, uMntwana uNhlanganiso kaZwelithini, unxuse amadoda amadala ukuba ayeke umkhuba wokulala nezingane ezincane.
UMntwana uNhlanganiso uthe amadoda amadala azitika ngocansi nezingane ezincane abulala ikusasa lentsha.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma ePhalamende lamadoda ebelisingethwe esiShayamthetho KwaZulu-Natal izolo.
UMntwana uNhlanganiso, ongowasesigodlweni KwaDlamahlahla, uthe ufuna uphele umkhuba wamadoda alala nezingane.
"Yekelani izingane ezincane ezinganeni. Le ndaba yabantu abadala abalala nezingane kulesi sikhathi, ayiphele. Yekelani izingane kwezinye izingane. Tholani ontangayenu."
UMntwana uNhlanganiso uhlabe abasaqhubeka nomkhuba wokuthwala.
Uthe ukuthwala akusilona isiko, wathi futhi kuphambene nomthetho.
"Alikho isiko lenkani. Ungahlali uzwa abantu bethi ukuthwala yisiko. Uzothatha ingane yabantu ngenkani ngoba uthi uyayithanda? "
UMntwana uNhlanganiso unxuse amadoda ukuba ayeke ukuhlukumeza abantu besifazane ikakhulukazi phambi kwezingane.
"Ngababuza abadala ukuthi nake nalibona yini iqhude lijaha amatshwele? Uma sizokwenza izinto ezingalungile phambi kwezingane nazo zizokwenza okungalungile. Inkalankala ibukela kubazali bayo ukuthi kuhanjwa kanjani."
UMntwana uNhlanganiso unxuse amabhungu ukuba angajahi ukuzalisa.
UMntwana uNhlanganiso uthe izobambezeleka empilweni injejane uma ishesha ukuzalisa.
"Awukwazi ukuthi ungathi uyingane wondliwa ekhaya, nawe bese uba nengane. Ngihlezi ngisho ukuthi into ebambezela amadoda empilweni wukuthola izingane eseyizingane. Kufanele nilinde isikhathi sibe kahle. Mina ngaba nengane yami yokuqala ngineminyaka engu-40. Ngiyisibonelo esihle kinina."
UMntwana uNhlanganiso unxuse injejane ukuba yamukele uma kwenzeka yehlelwa yishobolo lokwaliwa.
"Iyekeni le nto yokuthi analiwa. Ibizwa ngani le nto yokuthi abantu banqabe ukwaliwa? Uma waliwa esikoleni, usuyamshaya? Iyekeni leyo nto."
Iphini loMphathiswa wokuThuthukiswa koMphakathi, uMnuz Ganief Hendricks, likhale kakhulu ngesibalo esiphezulu samacala enziwa abafundi ezikoleni.
UHendricks uthe izibalo zamacala enziwe abafundi ezikoleni kulezi zinyanga eziyisithupha ezedlule ziyashaqisa.
"Kunabafundi abangu-104 abadlwengulwa abanye abafundi, ezikoleni. Kunabafundi abangu-20 ababulewe ezikoleni, bebulawa abanye abafundi. Konke lokhu kwenzeke ezinyangeni eziyisithupha. Izikhungo zethu zigcwele izingane ezineminyaka engaphansi kuka-18 ezilahlwe amacala ahlukene. Lezi zingane zigcinwe ezikhungweni zethu ngenxa yokuthi kubalekelwa ukuba zifakwe emajele."
Related Topics: