Izindaba

Isize yazijuba i-IFP, yacela umhlangano neNFP

Sabelo Nsele|Published

IFP

Image: Sigciniwe

IQEMBU elihola uhulumeni waKwaZulu-Natal, i-IFP, ligcine lipaqaze isigqoko lacela umhlangano neqembu elingababeki benkosi kuhulumeni wesifundazwe, iNFP.

Ubuholi be-IFP bubhalele ubuholi beNFP bucela ukuba nomhlangano ngoFebhuwari 9 noma ngoFebhuwari 16.

Lezi zindaba ziqinisekiswe ngumholi weNFP ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba.

Umhlangano ocelwa abaholi be-IFP uzobhunga ngesinqumo seNFP sokuhoxa kuhulumeni waKwaZulu-Natal, nokuyisinqumo esibeka engcupheni uhulumeni wesifundazwe.

Encwadini ebonwe Isolezwe, usihlalo we-IFP ophinde abe uSotswebhu omkhulu esiShayamthetho, uMnuz Blessed Gwala, ucele abaholi beNFP ukuba basho ukuthi iluphi usuku abazokwazi ukuhlangana ngalo nabo kulezi zinsuku ezimbili ezihlongoziwe.

"Ithimba elihola izingxoxo kwi-IFP licela ukuba nomhlangano nabaholi beNFP ukuze sizokhuluma ngezindaba ezithinta uhulumeni waKwaZulu-Natal."

Kuqhamuka le ncwadi nje, ubuholi beNFP busanda kunqaba isimemo somhlangano wamaqembu abusa ngokubambisana, bukhala ngokuthi bufuna ukuthi buqale buhlangane nobuholi be-IFP eceleni ngaphambi kokuthi buhlangane nobuholi bawo wonke amaqembu abusa ngokubambisana.

Ubuholi beNFP bahlangana nobuholi bamanye amaqembu abusa ngokubambisana, i-ANC neDA, kwasala i-IFP.

UNobhala Jikelele weNFP obambile, uMnuz Sunset Xaba, wathi kukhona izinto abafuna ukuqale bazixoxe nobuholi be-IFP ngaphambi kokuthi bahlangane sebebonke.

Khonamanjalo: Kulindeleke ukuthi ubuholi beNFP bubambe umhlangano neqembu eligaqele ukuphatha uhulumeni wesifundazwe, iMKP.

Umhlangano kuhlelwe ukuthi ube kusasa. Isolezwe libonwe incwadi ebhalwe uXaba ebhekiswe ePhinini lesibili lomholi weMKP, uMnuz Tony yengeni, lapho uXaba ehlongoza usuku lwakusasa.

I-MKP inethemba lokuketula uhulumeni waKwaZulu-Natal uma ithola ukwesekwa iNFP, njengoba inezihlalo ezingu-37 kwezingu-80 esiShayamthetho, yesekwa i-EFF enezihlalo ezimbili.

Isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, sasifakwe iMKP sabhuntsha.

Amalungu eMKP nawe-EFF avele aphazamisa ngesikhathi sekucacile ukuthi isiphakamiso sawo sizohluleka ngenxa yokuthi ilungu leNFP, uNksz Mbali Shinga, lase lizwakalise ukuthi lizovota namaqembu abusa ngokubambisana.

UNksz Shinga onguMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi, wawushaya indiva umyalelo weqembu wokuba asule kulesi sikhundla, njengoba ubhekene nekomiti lokuqondiswa ubugwegwe, njengoba esolwa ngokushaya indiva umyalelo weqembu wokuba aseke isiphakamiso seMKP.