Izindaba

UMalema ufuna iBafana idube iNdebe yoMhlaba

Sabelo Nsele|Published

UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema

Image: Itumeleng English/Independent Media

UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, ufuna iqembu lesizwe, iBafana Bafana, kanye namanye amazwe ukuba adube iNdebe yoMhlaba ezodlalelwa eMelika.

UMalema ukhale ngokuthi amazwe amaningi azokube eyingxenye yomqhudelwano asohlwini lamazwe iMelika eqinise kuwo imigomo yokuthola izimvume zokungena ezweni, wathi abalandeli bebhola bengazithola bephenduka isilo sengubo uma bengaphokophela nokuya eMelika.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eGoli, izolo.

INdebe yoMhlaba yakulo nyaka izosingathwa ngokubambisana iMelika, Canada neMexico.

IBafana yagcina ukudlala emqhudelwaneni weyoMhlaba eyayidlalelwa kuleli, ngo-2010. Yayingene ngengxaphephe yokuthi iyona esingethe umqhudelwano wango-2010.

UMalema uthe akuthi shu ukuthi iBafana kade yagcina ukudlala eNdebeni yoMhlaba uma ukuqhathanisa nokuthi uhulumeni waseMelika ubulala abantu abangenacala.

"Noma ngabe ubaluleke kangakanani lo mqhudelwano kwiBafana, iqiniso ukuthi awubalulekile ukudlula impilo yabantu ababulawayo. Ziningi izingane ezishonayo ngenxa yeMelika. INingizimu Afrika yayingavunyelwe ngenxa ukuba ingxenye yemiqhudelwano yezemidlalo ngesikhathi sobandlululo ngenxa yokuthi kwakubulawa abantu. Lena into efanayo njengoba nohulumeni waseMelika unesandla ekubulaweni kwabantu. Buka into eyenzeka ePalestine naseVenezuela. Inkulu kakhulu impi esiyilwayo lana njengoba ithinta ukuhlukunyezwa kwamalungelo abantu."

UMalema uthe amazwe amaningi ayingxenye yeNdebe yoMhlaba asohlwini lamazwe iMelika engafuni ukuthi abantu bakuwo banikwe izimvume zokungena.

Kula mazwe uMalema ubale iBrazil, Colombia, Ghana, Senegal, Tunisia, Algeria namanye.

UMalema uthe lokhu kuzobeka engcupheni impilo yabantu abafuna ukuyobuka ibhola.

"Akuphephile neze eMelika. Kukhona abantu abazozama ukuya eMelika bengenazo izimvume. Bazovike bathwayize emigwaqweni laphana bese beba nenkinga. Bengazithola beboshwa, behlukumezeka. Asibagqugquzeli abantu ukuthi baye eMelika."

UMalema uthe kukhona izinhlangano zamalungelo abantu ezikhalaza ngokuhlukunyezwa kwabantu bangaphandle eMelika.

"Sinxusa ukuba iSafa kanye nezinkakha ukuba zijoyine umbhidlango wethu wokunxenxa amazwe ukuba adube iNdebe yoMhlaba."

UMalema ukhuluma kanjena nje, vele ubudlelwano bakuleli neMelika abubuhle.

Uhulumeni kaDonald Trump usola iNingizimu Afrika ngokuhlukumeza amalungelo abantu abamhlophe.