Izindaba

Zinqunyelwe okatiki izinkabi eziboshwe nenkosi

Sabelo Nsele|Published

KWESOKUDLA; Inkosi Simphiwe Eric Zuma nesolwa nabo oMnuz Thobani Hlongwa noMnuz Khayelihle Shabalala

Image: Sabelo Nsele

BEKUZISHUBELE enkantolo izinkabi eziboshwe neNkosi Simphiwe Erick Zuma ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu, ngesikhathi zivelele elinye icala lokuqotha abantu abangu-10.

UThabo Mathonsi Chonco noMnuz Thembelani Mbatha basolwe ngokubambezela ukuqulwa kwecala labo lokusoconga abantu bakwaMemela.

Ijaji linqumele uChonco noMbatha ugwayi katiki ngesikhathi bevele eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, njengoba baboshelwa icala lokubulawa kwabantu bakwaMemela ababulawa elokishini eMbali, ngo-2023.

UChonco noMbatha baboshwa eminyakeni emithathu eyedlule kepha ukuqulwa kwecala kulokhu kubambezeleka. Bekulindelwe ukuthi liqulwe kuleli sonto kodwa labuye lahlehliswa ngenxa yokuthi uChonco ucele isikhathi sokuba axoxe nabameli bakhe.

Ngokuthola kweSolezwe, uChonco ubefuna ukulivuma icala kodwa kungathi ugcine engavumelananga nabameli bakhe.

UChonco kuthiwa washintsha umqondo wafuna ukuvuma icala emva kokuba egwetshwe odilikajele kwelinye icala lokubulala abantu abahlanu kanti uvele usakuveza ukuthi uzolivuma icala lokubulala uNdlovu. Izolo uMbuso uzwakalise ukukhathazeka ngokubambezeleka kwecala.

Umshushisi, uMnuz Attie Trutor, uthe bafuna ukuthi icala liqulwe ngokushesha.

"Kade sawaqala amalungiselelo ecala. Ngo-2024, kwaba nomhlangano lapho savumelana sonke ukuthi sesikulungele ukuqala kokuqulwa kwecala. Kuze kube namhlanje kulokhu kubambezeleka ukuqulwa kwecala. Kuningi okonakalayo ngokungaqulwa kwecala. Sinofakazi abangaphansi kohlelo lokuvikelwa okufanele silokhu siqhubekile nokubavikela. Lokhu kumosha imali."

IJaji uNontuthuzelo Mlaba liyalele uChonco noMbatha ukuba balungise izinto zabo.

"Kufanele siqede ukuqula icala. Uma kukhona izinto okufanele nezixoxe nabameli benu kufanele nizixoxe manje khona kungeke kubambezeleke ukuqulwa kwecala."

Icala lihlehliselwe u-Agasti 24, kuhlelwe ukuthi liqulwe kuze kube uSepthemba 18.

Abameli bakaChonco noMbatha bathe bazokube sebekulungele ukuqulwa kwecala ngalezi zinsuku ezibekwe inkantolo.