Izindaba

Uphinde waphikwa yizinto uZuma ecaleni lenkohlakalo

Sabelo Nsele|Published

Jacob Zuma

Image: Tumi Pakkies / Independent Newspapers

ZIPHINDE zamphika izinto owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, nenkampani yezikhali yaseFrance, iThales, emizamweni yabo yokuthi kuhoxiswe icala lenkohlakalo ababhekene nalo.

UZuma neThales baphinde bahlangabezana nenye imbibizane yezomthetho izolo, ngesikhathi iNkantolo eNkulu eMgungundlovu ichitha isicelo sabo sokuphonsela inselelo isinqumo senkantolo esachitha isicelo sabo sokuba kuhoxiswe icala.

UZuma neThales bebefake isicelo sokuba banikwe imvume yokuphonsela inselelo isinqumo sangonyaka odlule, lapho inkantolo yanqaba ukuba kuhoxiswe icala labo elisukela esivumelwaneni sango-1999 sokuthengwa kwezikhali.

UZuma neThales bafuna kuchithwe icala bekhala ngokuthi selibambezeleke isikhathi eside, kwaze kwashona nofakazi. Bebefuna ukuthi inkantolo ibanike imvume yokuthi baye eNkantolo yamaCala aDlulisiwe, lapho bebezofike baphonsele khona isinqumo senkantolo inselelo.

IJaji Nkosinathi Chili lisichithile isicelo sikaZuma neThales.

UChili uthe mancane amathuba okuthi isicelo sikaZuma neThales siphumelele eNkantolo yamaCala aDlulisiwe.

"Uma ngininikeza imvume yokuba nidlulisele phambili icala kufanele ngibheke ukuthi mangakanani amathuba okuthi enye inkantolo ifinyelele esinqumweni esehlukile. Emva kokulalela izethulo, kusobala ukuthi awekho amathuba okuthi isicelo sizofike siphumelele enkantolo elandelayo. Kulezi zathu enizibekile ngesikhathi nicela imvume yokudlulisa icala, asikho ngisho esisodwa esingenze ngabona kunesidingo sokuthi ngininike imvume."

Kubukeka sengathi uZuma uzoqhubeka anikele eNkantolo yamaCala aDlulisiwe yize enqatshelwe imvume.

Ummeli kaZuma, u-Advocate Nqaba Buthelezi, ucele ukuba banikezwe isinqumo senkantolo esinesigxivizo.

"Phambilini sike saba nenkinga uma sifika nesinqumo senkantolo esingenaso isigxivizo eNkantolo yamaCala aDlulisiwe."

UChili usigodlile isinqumo esicelweni soMbuso sokuba icala liqhubeke noma kukhona izinqumo zenkantolo uZuma asaziphonsela inselelo.

UChili uthe kukhona isicelo esifakwe eNkantolo yamaCala aDlulisiwe okufanele alinde isinqumo kusona ngaphambi kokuthi anqume kulolu daba.

Icala libe selihlehliselwa u-Ephreli 24.

Leli cala selibambezeleke iminyaka ecela kwengu-20.

UZuma wamangalelwa okokuqala kuleli cala ngo-2006 kodwa labuye lahoxiswa.

Ngo-2016 inkantolo yachitha isinqumo sango-2009 sokuhoxiswa kwamacala kaZuma.

Kwabe sekuqala umdonsiswano wezomthetho okubalwa nemizamo kaZuma yokuba kuhoxiswe icala kanye neyokuhoxisa umshushisi omkhulu, u-Advocate Billy Downer.

UZuma usolwa ngokwamukela intshontsho kwiThales eyahlomula ngesikhathi kuthengwa izikhali.