Izindaba

OwoThando Nesithembu uthembisa ukuphenduleka kwemibuzo ngesimo somndeni wakhe

Nokubongwa Phenyane|Published

UMUSA Mseleku ubonga abakuleli ngesasasa abalikhombisile ngohlelo Uthando Nesithembu oluqale izolo

Image: Sigciniwe

UMUSA Mseleku useveze ukuthi wonke umuntu uzovela obala ngokuthi wayehloseni ngokwakha umndeni wakhe kwisizini entsha yohlelo, uThando Nesithembu eqale izolo.

Ababukeli bohlelo bese bemagange ngokuqala kwalo njengoba lisuke lahlala ngesizini entsha ezokhonjiswa kabili ngesonto, ngoLwesithathu nangoLwesine ngo-8 ebusuku.

Ekhuluma neSolezwe, uMseleku uthe kule sizini umuntu ngamunye kuzobonakala ukuthi yini abeyicabanga yonke le minyaka ngokwakha umuzi wakwaMseleku.

"Kuzocaca  bha kulezi ziqephu ezizayo ukuthi wonke umuntu umiphi ngekusasa lakhe emndenini wakwaMseleku. Yisizini lena abantu abazoqhubeka bayijabulele ngenxa yokuthi iyaqhubeka nokuveza izingqinamba umuntu abhekane nazo. Mina ngiyaziqhenya ngokuhlanganisa umndeni wami senze lolu hlelo, ngoba siveze ukuthi siphila kanjani. Abantu okumele bakwazi uma befuna ukwenza izinhlelo zethelevishini wukuthi akumele bagqamise impilo ephezulu abayiphilayo kodwa abaveze okwenzeka emindenini yabo bayeke nokujaha udumo," kusho uMseleku.

Uthe ngalolu hlelo babengazi ukuthi bazofinyelela lapho bekhona manje, kodwa ngenxa yothando lwabantu bakuleli bafinyelele emaphusheni abo.

"Siyathobeka kakhulu ngothando abantu abasikhombise lona. Noma zingekho izindondo esisazitholile ngohlelo, kodwa nje ukuthi sifinyelele kwisizini yesishiyagalombili mina engangicabanga ukuthi amathathu ayoba maningi, kumina nje lokho kuwumhlomulo omkhulu. Akugcini lapho ngoba noMzansi Magic ubalalelile abantu uma befuna ukuthi zande iziqephu ezikhonjiswa ngesonto njengoba sekuqalile ukwenzeka lokho, nokukhombisa ukuthi nabo bayabalalela abantu," kuchaza yena.

Uthe okunye abalandeli abazokubona wukuthi ukuphi nesimo sempilo yakhe, eke yacikizela yaphinde yamkhombisa ukuthi uma engasekho umuzi wakhe uyosala ube njani.

Uthe abantu bamkhombise uthando olukhulu egula nabengacabangi ukuthi uthinte abantu abangakanani ngempilo yakhe nabona kuyinto emsebenzele.

Ebuzwa ukuthi uphokophelephi ngokuqhubeka ekhiqiza izinhlelo zethelevishini njengoba ngaphandle kwezomndeni wakhe usanda kuba wuphrojusa wohlelo olubheka umndeni wakwaXaba, nalo oluthandwa abaningi, uMseleku uthe uzimisele ngokusebenza nabantu inqobo nje uma bezoveza lokhu akholelwa wukuthi kuzodonsa amehlo abantu, kungajahwa udumo nemali.

"Ababukeli bafuna ukubona izinto ezenzeka ngempela emindenini ehlukene kuleli, ngakho uma befuna ukuya kwithelevishini abangagqamisi impilo ephezulu abayiphilayo, abasinike izinto ezihlukene ababhekana nazo ezinhle nezimbi," kusho yena.