Izindaba

Izoqokwa kuleli sonto imeya yaseMpendle

Sabelo Nsele|Published

Sekuseduze kukhethwe imeya eMpendle

Image: Sigciniwe

IZOQHWAKELA esihlalweni ngoLwesihlanu, iMeya kaMasipala waseMpendle, obusuhlale izinyanga eziyisithupha ungenayo imeya.

Lezi zindaba zimenyezelwe umgqugquzeli wethimba lesikhashana elihola i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu.

UMasipala waseMpendle usuhlale isikhathi eside ungenayo imeya kulandelwa ukususwa kukaMnuz Buyisani Mlaba, owakhishwa ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe.

Imizamo yokuqoka imeya entsha yabhuntsha ngenxa yombango wangaphakathi kwi-ANC.

UMabuyakhulu uveze ukuthi sebevumelene ngokuthi kufanele kuqokwe imeya entsha ngoLwesihlanu.

"Sibheke ukuthi imenenja yomkhandlu ibize umhlangano oyisipesheli, lapho kuzokhethwa khona imeya entsha kanye nosomlomo."

UMabuyakhulu uveze ukuthi uSomlomo womkhandlu, uMnuz Sizwe Ndlela, naye wesulile esikhundleni.

UNdlela usule esikhundleni ukuze aphendlele isikhala imeya entsha. Imeya entsha ayilona ikhansela, nokuphoqe ukuba kube khona ikhansela elisulayo ukuze izokwazi ukungena.

UMabuyakhulu uxolisile ebantwini baseMpendle ngokuthatha isikhathi eside kohlelo lokuqokwa kwemeya entsha.

"Bekungafanele ukuba kuthathe isikhathi eside kangaka ukuba kuqokwe imeya entsha."

Amagama amathathu abesembangweni wesikhundla sobumeya; elaloyo owalahlwa amacala okubulala amalungu e-IFP, uMnuz Russel Ngubo; owayeyimeya yomkhandlu, uNksz Sizakele Makhaye noNksz Nonjabulo Ndlovu.

UMabuyakhulu uphide washayela ihlombe isinqumo senkantolo esichithe ukuqokwa kweMeya kaMasipala wesiFunda Amajuba, uMnuz Thembelihle Mthembu.

INkantolo eNkulu eMgungundlovu ngeledlule ichithe umhlangano okwaqokwa kuwo uMthembu.

UMabuyakhulu uthe kade babesho ukuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi kubanjwe umhlangano okwagaxwa kuwo uMthembu amaketango obumeya.

Isinqumo senkantolo sisho ukuthi uMthembu uzobuyela esikhundleni sokuba iPhini lemeya abekade evele esiphethe.

Umasipala uthe uMthembu uzobamba kwesobumeya kuze kube kuqokwa imeya entsha.