Izindaba

ISilo asisazifuni izimayini KwaZulu-Natal

Sabelo Nsele|Published

ISILO uMisuzulu kaZwelithini

Image: Independent Newspapers Archive

ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini asisafune mayini ezokumba umhlaba KwaZulu-Natal.

IMbube ithe ifuna ukuba nomhlangano noMengameli Cyril Ramaphosa, lapho izokhuluma khona ngodaba lwayo lokungazifuni izimayini esifundazweni.

Ikusho lokhu ngesikhathi ikhuluma ngesikhathi kuphothulwa uMkhosi woSwela, lapho kushiswe khona uthi ngoMsombuluko ebusuku.

ISilo asizange sichaze ukuthi kungani singasazifuni izimayini.

Sithe sineqhinga uZulu ongaphila ngalo kodwa asizange silisho iqhinga esiliphethe.

"Ngisawufisa Zulu omnyama umhlangano noMengameli, la sizobhunga khona ngalolu daba, angisadinge mayini lana KwaZulu. Kunendlela esengiyitholile esingaphila ngayo ngaphandle kokuthi kumbiwe umhlabathi wethu."

Isinqumo seSilo sibeka engcupheni ikusasa lenqwaba yezimayini ezisebenzela kwelikaMthaniya.

Lapha KwaZulu-Natal kunenqwaba yezimayini ezisezindaweni ezingaphansi kwesikhwama esigade umhlaba kaZulu, iNgonyama Trust.

Izimayini ezisengxenyeni zesifundazwe kubalwa uMtubatuba, Richard's Bay, Melmoth, Nongoma, Vryheid, nezinye.

INdlulamithi yamaKhosi ithe iqhinga layo lizokwelekelela wonke uZulu.

"Ngiyanithembisa Zulu ukuthi ngesikhathi sami nizophila kangcono futhi nizophumelela."

IMbube ithe kunobungozi ebubonayo obunyonyobela uZulu.

"Kukhona okungathi kuyasinyonyobela noma kuyanyelela. Angisabulali ubuthongo. Kufanele sivule amehlo. Angeke sisayilwa ngomkhonto manje. Kunendlela yesimanje esizoyolivikela ngayo leli lizwe."

IMbube ithe izimisele ukuyilwa eyezimayini.

"Njengoba sikade sikhuluma nje eSandlwana indaba yokuthi ake kususwe uNatal, besikhuluma izindaba zaKwaZulu. Izwe laKwaZulu leli. Sizoyibamba lapho nina beSilo, sibambisane. Isikhathi sethu lesi sokuthi silungise. Makhosi qinani kakhulu kunakuqala. Bambelelani kimi, ngiyingelosi ethunyelwe lapha ukuba izogada impilo yenu."

ISilo siphinde sancoma ukuhamba kahle koMkhosi woSelwa.

Umkhosi waqala ngonyaka owedlule njengoba uze waphothulwa ngoMsombuluko ebusuku.

IMbube ithe umkhosi uphumelele yize bekukhona abebebophe izibopho, befuna umkhosi ungaphumeleli.

"Lo msebenzi ubungelula neze. Kuyenzeka kwesinye isikhathi abantu babophe amafindo ukuze ungaphumeleli. Ukungaphumeleli kwawo kusho ukucima kweNgonyama, lokhu esingakudingi. Kusihambele kahle, umkhuleko uhambe kahle."

IMbube ithe kuningi ezokhuluma ngakho njengoba usudlulile umkhosi.

"Sesingaqala ke manje ukusebenza. Siyasebenza manje, ayisekho ingubo esivale umlomo. Umbhedo, umbhedo manje."

ISILO uMisuzulu kaZwelithini

Image: Supplied