Izindaba

I-NFP inqaba umhlangano wamaqembu aphethe eKZN

Sabelo Nsele|Published

Umengameli weNFP uMnuz Ivan Barnes

Image: Independent Media Archives

IQEMBU elingababeki benkosi kuhulumeni waKwaZulu-Natal, iNFP, lichithe isicelo somhlangano wawo wonke amaqembu ayingxenye kahulumeni wesifundazwe obizelwe ukuzobhunga ngodaba lokuhoxa kwayo iNFP kulo hulumeni owakhiwe amaqembu amane.

I-NFP ithe ngeke ilubhade emhlanganweni ngenxa yokuthi kumenywe neqembu elihola uhulumeni wesifundazwe, i-IFP. Umhlangano obekuhlelwe ukuthi ube ngempelasonto, ubucelwe ubuholi be-DA.

Ubuholi be-DA bebufuna ukuthi umhlangano uhanjelwe ngabaholi bawo onke amaqembu abusa ngokubambisana, i-IFP, ANC ne-NFP.

Ubuholi be-DA bucele ukuba nalo mhlangano emva kokuhlangana nobuholi be-NFP emasontweni amabili edlule, lapho buxoxwe kabanzi ngesinqumo se-NFP sokuhoxa kuhulumeni wesifundazwe.

I-NFP yahlala ne-ANC lapho kwakuxoxwa khona ngodaba olufanayo kodwa ayikaze ihlangane nobuholi be-IFP.

UNobhala we-NFP obambile, uMnuz Sunset Xaba, uthe ngeke balubhade kulo mhlangano uma kuzokube kukhona nobuholi be-IFP.

Lokhu ukusho encwadini lapho ebephendula khona isimemo se-DA.

Kule ncwadi ebonwe yiSolezwe, uXaba uthe akubaphethe kahle ukuthi abaholi be-IFP abakaze bahlangane nabo yize sebehlanganile nabaholi bamanye amaqembu abusa ngokubambisana, wathi okunye okubakhathazayo ukuthi ubuholi be-IFP baveza ukuthi bufuna ukubamba umhlangano ne-EFF, ngenhloso yokuthi nayo ijoyine uhulumeni wesifundazwe.

"Ngesikhathi bekhuluma kwabezindaba, abaholi be-IFP bakhombisa ukuyithatha kancane indaba yokuhoxa kwe-NFP kuhulumeni wesifundazwe. Babeka sengathi ukuhoxa kwe-NFP akuwubeki engcupheni uhulumeni wesifundazwe. Izinkulumo zabo zikhombisa ukuthi basithatha kancane.

"Ngabe sikhombisa ukuthi asizazi ukuthi sifunani uma singase sivume ukuba ingxenye yomhlangano lapho kuzokube kukhona ubuholi be-IFP ekubeni singakaze sihlangane nabo eceleni abaholi be-IFP. Ingakho-ke sithathe isinqumo sokuthi ngeke size emhlanganweni ohlongozwayo."

I-NFP ithathe isinqumo sokuhoxa kuhulumeni waKwaZulu-Natal, ngenyanga eyedlule.

Ubuholi be-NFP buphinde bayalela nelungu leqembu, uNksz Mbali Shinga, ukuba lisule esikhundleni sokuba uMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi.

Kuze kube namhlanje uNksz Shinga akakaze asule esikhundleni.

UNksz Shinga ubhekene nekomiti lokuqondiswa ubugwegwe.

Ubizelwe phambi kwekomiti lokuqondiswa ubugwegwe emva kokuba eshaye indiva umyalelo weqembu wokuba aseke isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli.