Izindaba

I-ANC ayisiboni isidingo sokushintshwa kwegama lesifundazwe

Sabelo Nsele|Published

Mike Mabuyakhulu

Image: Tumi Pakkies/ Independent Newspapers

UBUHOLI be-ANC KwaZulu-Natal abuhambisani nesiphakamiso seSilo, uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, sokuba kushintshwe igama lesifundazwe iKwaZulu-Natal. 

Umgqugquzeli wethimba lesikhashana elihola i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu, uthe abasiboni isidingo sokuthi isifundazwe sibizwe ngeKwaZulu njengokuphakamisa kweMbube.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eThekwini, izolo.

IMbube isanda kuveza ukuthi isemkhankasweni wokuthi kushintshwe igama lesifundazwe.

Yakuveza lokhu ngesikhathi yethula inkulumo eMkhosini waseSandlwana ngenyanga edlule.

Amaqembu ezepolitiki, i-IFP neMKP, avele asephumele obala azwakalisa ukweseka isiphakamiso sokuba kushintshwe igama lesifundazwe.

Kepha uMabuyakhulu uthe bona abasiboni isidingo sokuthi kushintshwe igama lesifundazwe.

"Thina njenge-ANC asinayo inkinga negama elikhona ngoba siyazi ukuthi kwavunyelwana ngalo ngesikhathi kunezingxoxo."

UMabuyakhulu uthe udaba lokushintshwa kwesifundazwe ludinga ukuba kulandelwe umthetho.

"Akuqali ukuthi kube nesiphakamiso esinje. Udaba lolu oluthinta umthetho. Ngeke ukwazi ukushintsha igama lesifundazwe ngaphandle kokulandela umthetho. Thina umbono wethu ukuthi noma ngabe ubani ofuna ukuba kushintshwe igama lesifundazwe kufanele alandele imithetho. Ukushintshwa kwegama lesifundazwe akuyona into engenzeka ngenxa yokuthi kusho othile ukuthi ayenzeke. Uma kukhona owenza isiphakamiso sokuthi kushintshwe igama lesifundazwe elandela imigomo ebekiwe, siyoluxoxa lapho lolu daba."

UMabuyakhulu unxuse ukuba kungasetshenziswa lolu daba ukuhlukanisa abantu.

"Siyazi ukuthi lolu udaba olunyakazisa abantu. Sinxusa abantu ukuthi bangasebenzisi lolu daba ukugovuza abantu. Thina sifisa ukuthi kuxoxwe ngezinto ezihlanganisa abantu, siyeke ukudlala ngemizwa yabantu."

UMabuyakhulu usho kanjena nje, iMbube iveze ukuthi ayijiki esiphakamisweni sokuba kushintshwe igama lesifundazwe.

Ikhuluma ngesikhathi kuphothulwa uMkhosi woSelwa ngoMsombuluko, iMbube ithe isamile ekutheni ifuna lishintshwe igama lesifundazwe.

Isiphakamiso sokuthi kushintshwe igama lesifundazwe saqala senziwa yiSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ngo-2006.

Kwaze kwaqoka ithimba longoti elalizoqhuba lolu daba kodwa isiphakamiso sagcina siphelela emoyeni.

Ngaphambi kokhetho lokuqala olukhululekile ngo-1994, i-IFP yayivele ifuna ukuthi isifundazwe sibizwe ngeKwaZulu.

Kodwa kwagcina kuvunyelwana ngoKwaZulu-Natal ngesikhathi kunezingxoxo.