Izindaba

Ubephuma ejele ngecala lokubulala 'ogence izingane ezintathu'

Nokubongwa Phenyane|Published

IMEYA yaseMkhanyakude, uMnuz Sphile Mdaka, ihambele umndeni wakwaKhumalo la kubulawe khona izingane ezintathu

Image: Sithunyelwe

UBESANDA kuphuma ejele ngoshwele ngecala lokubulala ayegwetshelwe owesilisa okuthiwa uklabhe wabulala izelamani ezintathu eLulwane, eManguzi, ngoMgqibelo.

Lona wesilisa kuthiwa uboshwe ngeSonto ntambama, emuva kokubaleka eqeda ukwenza lesi sigameko esinyantisa igazi. Ababulewe ngesihluku esisabekayo ngoKwanele Gumede (15), Ayabonga Khumalo (7) no-Amanda Khumalo (9).

Ngokusho kukamkhulu walezi zingane, uMnuz Jobe Khumalo - noma kungacaci ukuthi bekubangwani - impi ibiphakathi kukababa wazo nomsolwa.

Kwanele Gumede

Image: Sithunyelwe

"Okwamanje akucaci ukuthi ngempela bekubangwani, akekho ofuna ukusitshela njengomndeni ukuthi yini eholele kulesi sigameko. Umnakwabo kayise wezingane owenze lesi sigameko, baqonywe yizingane zandawonye ezilamanayo. Akwenzile kusizwise ubuhlungu obukhulu njengoba endlini la alimazele khona izingane igazi belikhiwa ngendishi ngendlela ebeliliningi ngayo. Zonke izimpahla bezigcwele igazi, abantu besaba nokungena endlini ngenxa yesimo izingane ebesiyizona," kusho uKhumalo.

Uveze ukuthi unina walezi zingane uhlukumezeke kakhulu ngalesi sigameko, nabo bengumndeni basadinga izimpendulo.

Amanda Khumalo

Image: Sithunyelwe

"Kwayena siyafuna ukukhuluma naye ukuzwa ukuthi bekwenzenjani? Umama wezingane naye akukho okutheni akuchazayo njengoba esho ukuthi wayengekho eyobheka ibhizinisi lakhe elincane alenzayo, izingane wazishiya zodwa. Kuthe uma ebuya kula azithele khona phezu kwezingane sezishonile. Ukube ubaficile abazali balezi zingane asingabazi ukuthi nabo ngabe ubenze isilo sengubo. Ubulala izingane nje, ingoba ubefuna ukubazwisa ubuhlungu, hhayi ngoba ebefuna zona," kubeka uKhumalo.

IMeya yaseMkhanyakude, uMnuz Sphile Mdaka, ihambele kulo mndeni nala iveze khona ukuthi izigameko ezifana nalezi, kumele zisheshe zisukunyelwe njengoba kusaqhubeka khona ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

Ayabonga Khumalo

Image: Sithunyelwe

Uthe amaphoyisa awaqinise ingalo yomthetho, usheshe ubabophe abantu abenze izigameko ezifana nalezi.

"Lo muntu owenze lesi sihluku nginemibuzo ukuthi uqale wakwenza kanjani lokhu, uzibulale kanjani zonke ebuka, yena wangaba nozwela? Elinjani leli dimoni ebelimngenile? Sizwa ubuhlungu kakhulu kungakho silana njengobuholi bonke ukuzohlanganisa amehlo nomndeni njengoba usidinga. Siyacela ukuthi amaphoyisa aqaphe umphakathi njengoba sesitholile ukuthi umuzi womsolwa nawo ushisiwe," kusho uMdaka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe umsolwa uboshiwe wavela enkantolo izolo.