Izindaba

Kuyamshubela uSenona okhishwe ngoshova ehhovisi

Sabelo Nsele|Published

Maj-Gen. Lesetja Senona

Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers

KUYAYISHUBELA iNhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona, esolwa ngokusebenzisana nosomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusimizi "Cat" Matlala, okuvela ukuthi ukhishwe ngoshova ehhovisi.

Imibiko yabezindaba iveze ukuthi uSenona ukhishwe ngoshova ehhovisi lakhe, waphucwa iselula yakhe nezinye izinsiza zezobuchwepheshe.

Imibiko ithe uSenona uphucwe izinsiza zakhe ngamaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Kuthiwa uSenona utshelwe ukuthi angabe eseza ehhovisi lakhe ngenxa yokuthi uyaphenywa, lo myalelo kuthiwa ukhishwe nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe uSenona uzicelele yena ukuhamba ehhovisi.

UNetshiunda uthe uSenona ucele ukuhamba ehhovisi emva kokuba amaphoyisa embuze ngezinto ezisolisayo afike wazenza enhloko yamahhovisi amaphoyisa KwaZulu-Natal.

USenona onehhovisi ekomkhulu lamaphoyisa KwaZulu-Natal, uNetshiunda uveze ukuthi unendawo yakhe yokupaka engaphakathi emahhovisi.

UNetshiunda uveze ukuthi ngesikhathi uSenona efika emahhovisi ngoMgqibelo, ufike wamisa imoto ngaphandle, wangayipaka ngaphakathi endaweni yakhe. 

Uthe uNetshiunda wafike waxoxa isikhathi esilinganiselwa emizuzwini engu-45 nelinye iphoyisa emotweni.

UNetshiunda uthe uSenona uze wangena ngesikade ehhovisi, wafike akangasayina ngesikhathi engena esangweni.

"Umthetho uthi bonke abangenayo ehhovisi ngempelasonto, kufanele basayine."

UNetshiunda uthe amaphoyisa abe esebikela uMkhwanazi ngale zinto ezisolisayo ezenziwe uSenona.

UNetshiunda uthe uMkhwanazi ube esejuba amaphoyisa ukuba ayombuza uSenona.

"Uyena okhethe ukuhamba."

UNetshiunda uthe umphathi kaSenona utsheliwe ukuba athumele umuntu ozolanda okhiye abashiye emaphoyiseni abethunywe ukuba azompheka ngemibuzo.

USenona uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi atshelwe ukuba engabe eseza emsebenzini ekubeni engakaze ayithole incwadi emumisayo, wathi usabela impilo yakhe.

OKlebe bathe uSenona akamisiwe emsebenzini. Ngedlule uSenona uveze ukuthi kunezinhlelo zokuthi amiswe emsebenzini.

USenona uthe abaphathi bakhe bambhalele incwadi bemazisa ukuthi uzothathelwa izinyathelo nokuthi uzoshintshelwa kwesinye isikhundla. Ukusho lokhu ngesikhathi evele phambi kwekhomishini ephenya izinsolo ezenziwa uMkhwanazi.

Ngesikhathi evele phambi kwekhomishini, uSenona uphekwe ngebhodwe elincane, ebuzwa ngobudlelwano bakhe noMatlala.

Imiyalezo evezwe phambi kwekhomishini iveze ukuthi uSenona noMatlala bebexhumana kakhulu, ethumela uMatlala imininingwane ebucayi. Phakathi kwezinto uSenona azithumela uMatlala, kubalwa umbiko onemininingwane kaMkhwanazi namanye amaphoyisa ayephenya uMatlala.

UMatlala naye wayebuye athumele uSenona imininingwane ebucayi okukhona kuyo enemininingwane kaMengameli Cyril Ramaphosa nekaNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu. 

Kuphinde kwavela nokuthi indodana kaSenona, uMnuz Thato Senona, isebenzisana noMatlala kwezamabhizinisi.

USenona uthe wayengazi ukuthi uMatlala uthinteka emacaleni abucayi, wathi ubesefuna ukuziqhelelanisa naye njengoba bese kuvele ukuthi uthinteka emacaleni amaningi.