Izindaba

Ibiphuma ingena ezinkantolo inkabi eboshwe nenkosi

Sabelo Nsele|Published

UTHABO Chonco obhekene noxhaxha lwamacala okubulala

Image: Sigciniwe

IBIPHUMA ingena ezinkantolo izolo inkabi eboshwe neNkosi Simphiwe Erick Zuma ecaleni lokubulawa kowayeyikhansela le-DA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu.

Umsocongi, uThabo Chonco, okuthiwa wakha itulo lokuqeda ngoNdlovu esejele, uvele ezinkantolo ezimbili izolo lapho ebebhekene namacala amathathu okubulala.

UChonco uqale wavela kafishane eNkantolo eNkulu eMgungundlovu lapho ebebhekene necala lokubulala abantu abangu-10.

Kuleli cala uChonco usolwa ngokuba ungqondongqondo ecaleni lokubulawa kwabantu bakwaMemela.

Abantu bakwaMemela babulawa ngo-2023, elokishini eMbali, eMgungundlovu.

Leli cala lihlehliselwe ikusasa.

Uphinde wadlulela eNkantolo yesiFunda eMgungundlovu, lapho ebhekene khona necala lokubulala uNdlovu kanye nelinye lokubulala owayelwa nokudayiswa komhlaba eMpophomeni, uMnuz Xolani Ntombela/Ndlovu.

Amacala amabili abhekene noChonco abequlwa eNkantolo yeMantshi eHowick, adluliselwe kweyesifunda ngeledlule.

Ngesikhathi evele eHowick, uChonco wakuveza ukuthi ufuna ukulivuma icala lokubulala uNdlovu.

Bekungokokuqala ukuba avele enkantolo yesifunda. Amacala ahlehliselwe uFebhuwari 20.

UChonco usanda kugwetshwa odilikajele abahlanu ngecala lokuqotha abantu eBulwer.

Waphinde wagwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngecala lokubamba inkunzi.

Izolo uChonco ufike enkantolo ekinatelwe ngozankosi kanye namaketango elinye ebeliboshelwe okhalweni. Ubekakwe ojele abebehlome bephelele.

Inkosi nayo ivele kafishane enkantolo yesifunda izolo.

Amacala ayo ahlehliselwe uFebhuwari 20.

Inkosi ibhekene namacala amathathu. Imangalelwe noChonco ecaleni lokubulawa kukaNdlovu kanye nelokubulawa kukaNtombela/Ndlovu.

Inkosi iphinde ibhekane necala lokubulala owayengundunankulu wesizwe sakwaNxamalala, uMnuz Qalokunye Zuma.

Inkosi yanqatshelwa ibheyili ecaleni lokubulawa kukaNdlovu, isihlale ezikhindini isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyisithupha.

Bekugcwele phama enkantolo izolo, abantu befuna ukuzozibonela ukuqhubeka kwecala.

Abantu abebesenkantolo abomndeni wakwaNdlovu, abakwaZuma kanye namalungu eDA.

Abanye abasolwa ababoshwe kanye nenkosi abazange babonakale enkantolo izolo.

Inkosi iboshwe noMnuz Thobani Masobho Hlongwa, noKhayelihle Shabalala ecaleni lokubulawa kukaNdlovu.

Iboshwe noMnuz Thembelani Mbatha ecaleni lokubulawa kukaNtombela/Ndlovu.