Izindaba

Ababhubhudla imali komasipala bagolozela abafuna ukungenelela: umhlaziyi

Sabelo Nsele|Published

Omasipala abanezinkinga abalufuni usizo

Image: Boxer Ngwenya

UNGOTI ubona sengathi ingebhe yokuvaleka kompompi benkohlakalo iyona eyenza ukuthi abaholi bomasipala bagoloze uma uhulumeni wesifundazwe uzama ukungenelela.

Umhlaziyi wezepolitiki waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe abaholi bomasipala basuke benqaba ukungenelela kukahulumeni wesifundazwe ngoba nakhu besabela ukuthi bazophazamiseka ekukhwabaniseni imali yemikhandlu.

UMphathiswa wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, usanda kubalisa ngokuthi omasipala abaningi abakhungethwe izinkinga bayalunqaba usizo loMnyango wakhe.

URodgers uthe omasipala okukhona kubo abeziFunda; uMkhanyakude, Amajuba noGu, basanda kunqaba ukungenelela koMnyango nokwaphoqa ukuthi kuze kuhoxiswe amathimba.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwanomsindo ngesikhathi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu uzama ukungenelela koMasipala okubalwa kubo iTheku noMsunduzi.

UNdlovu uthe laba abanqaba ukungenelela kukahulumeni wesifundazwe bayabona ukuthi liyabashonela.

"Inkinga enkulu abantu bayabona ukuthi le nto yokuntshontsha nokuganga isiya ngasekugcineni, sebebona engathi siyaphela isikhathi sokuntshontsha. Ingakho begoloza uma kungenelela uhulumeni wesifundazwe ngoba bayabona ukuthi bazophazamiseka. Abantu bayabona ukuthi ithuba lokugcina lokuntshontsha ngeke besalithola elinye, ikakhulukazi njengoba kuza nokhetho lohulumeni basekhaya. Akekho umuntu onesiqiniseko sokuthi uzobuyela esikhundleni emva kokhetho."

UNdlovu uthe okunye okutatazelisa abaholi bemikhandlu ukuthi uMnyango wezeziMali lapha esifundazweni uphethwe yi-DA, wathi lokhu kwenza ukuthi abaholi bemikhandlu bengafuni nokuthi izikhulu zoMnyango zize zisondele eduze.

"Abantu babuka ukuthi lo mlungu engathi unokuyigada kakhulu imali. Ingakho bavele bagxume kakhulu uma uMnyango kaRodgers usondela."

UNdlovu uthe kwesinye isikhathi kuba ukuthi izikhulu zomasipala zisuke zibuke ukuthi iminyango kahulumeni ezama ukungenelela iphethwe wumholi oqhamuka eqenjini eliyizimbangi.

Iminyango ejwayele ukungenelela uma kunezinkinga owezeziMali nowezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu. OwezeziMali uphethwe yilungu le-DA kanti owezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu wona uphethwe yilungu le-IFP, uMfu Thulasizwe Buthelezi.

"UButhelezi uke wazama ukungenelela komasipala abaphethwe yi-ANC, kwasuka umsindo. Abaholi bomasipala bayanqaba uma kungenelela uMnyango ophethwe umuntu oqhamuka kwelinye iqembu ngoba basuke benenkolelo yokuthi uzobacekela phansi. Into exakayo ukuthi la maqembu aphethe ngokubambisana kuhulumeni wesifundazwe."