UNAMBITHA Mpumlwana osolwa ngokweba i-lipstick
Image: SIGCINIWE
UMLINGISI wodumo lukaMawande kwiGenerations, uNambitha Mpumlwana, ubambe umoya ngenxa yecala lokweba abhekene nalo.
UNambitha (58) usolwa ngokweba i-lipstick ebiza u-R160 esitolo sakwaDis-Chem eFerndale Mall eRandburg, eGoli, ngoMashi nyakenye.
Isolezwe lithole ukuthi lo mlingisi wabanjwa ethatha ngozwane i-lipstick kodwa waphika walala ngomhlane, wazithethelela ngokuthi kukhona ukungaboni ngaso linye. Abaphathi balesi sitolo babe sebebiza amaphoyisa asesiteshini saseRandburg, afika ambopha futhi wabekwa icala lokweba kodwa wakhululwa ngebheyili ka-R1000.
Leli phephandaba libuye lathola ukuthi uNambitha wavela okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoMashi 20 lapho engabuzwanga ukuthi icala uyaliphika noma uyalivuma. Ubuye wavela ngoMeyi 2 ngaphambi kokuba icala lakhe lihoxiswe okwesikhashana.
Okhulumela uPhiko lezokuShushiswa koMphakathi eGauteng, uPhindi Mjonondwane, utshele Isolezwe ukuthi leli cala lisahoxisiwe okwesikhashana ukunikeza uNambitha isikhathi sokuthamela uhlelo olubizwa nge-diversion programme.
Ngamafuphi lolu hlelo elokuhlumelelisa isimilo ngenhloso yokunqanda osuke ebhekene necala ukuba abe nerekhodi lobugebengu noma agwetshwe. Luvamise ukunikezwa abantu abasha nabasuke beqala ukwenza amacala. Umsolwa usebenzela umphakathi noma athole uqeqesho oluthize ngaphambi kokuba inkantolo inqume ukuthi umsolwa uyaqhubeka yini nokufakaza enkantolo noma icala nesigwebo kuyahoxiswa. Uma ungaluqedanga uhlelo ubuyela enkantolo uyoqula.
"Uma eseluphothulile uhlelo, uMbuso kuzofanele uthole umbiko oqinisekisa ukuthi luphothulwe ngempumelelo," kuphetha uMjonondwane.
UNambitha ngomunye wabalingisi abahlonishwayo kuleli nasemazweni angaphandle kangangoba wayeyingxenye yabalingisi abaphambili efilimini eyahlabana kuma-Oscar Awards iTsotsi. Wabuye walingisa kwiRed Dust neCountry of My Skull. Eminye imidlalo alingise kuyo kubalwa iYizo Yizo, Sokhulu & Partners, Interrogation Room, Ashes To Ashes. Akagcinanga ngokulingisa kodwa ubuye wethula izinhlelo zethelevishini ezinjengePractical Parenting, Money, Lebone ne-50/50.