Izindaba

Umrepha ukhuza udlambedlu kubaculi bakamaskandi

Charles Khuzwayo|Published

BIG ZULU

Image: Tumi Pakkies/ Independent Newspapers

UMREPHA wodumo lwengoma ethi Imali Eningi, uSiyabonga "Big Zulu" Nene, ukhuza udlambedlu kubaculi bakamaskandi kulandela ukuvela kwengxabano eyaqubuka phakathi kwabo ngo-2023.

Kuleli sonto kuvele okushaqisayo ngokwaholela ekubhidlikeni kweqembu lebhola labaculi bakamaskandi, iMaskandi FC. Kukhona abadalule ukuthi ngesikhathi omaskanda bekhishwa emqhudelwaneni weJammin To Soccer ezinkundleni zaseTsakane ngoJulayi 2024, bafika ezindlini zokushintshela baxabana kabi kangangoba kwaze kwathukwana, kwanukwana futhi kwakhishelwana nezibhamu.

Kubuye kwavela nezindaba zokuthi umculi kamaskandi uKhwezi "Smomoza" Mkhize wayeyinkukhu nempaka noMalahle Sibiya emuva kokuba elale no"mfazi" wakhe. UBig Zulu uqale ngokuxolisa ngokugxambukela ezindabeni zeqembu lebhola likamaskandi ekubeni yena ekwele-hip hop maqede wathi kufanele abantu bazi ukuthi ebholeni kuyenzeka abantu banyukelwe wumoya enkundleni. 

"Kuyenzeka ukuthi kuphakame umoya enkundleni, ningaboni ngaso linye.  Yinto ekhona, nami ngaphambana nabanye abadlali njengomfwethu uDumi (Mkokstad) kodwa ngoba kwakuyinto yebhola, ngabuye ngaxolisa. Impilo iyaqhubeka."

UBig Zulu uthe kusuke kungeyona inzondo yeqiniso. 

"Bafowethu ibiyinhle kakhulu into ebeniyenzile, ukubambisana kudlalwe kube mnandi. Ngane zakwethu ayehle imimoya, sibuye sibambisane. Sibuyele enkundleni sidlale. Asingajabulisi izitha. Thina singabalandeli bakamaskandi sikhona sizoneseka njengoba nani nisekana nje isikhathi esiningi."

UBig Zulu uthe uma ngabe oyedwa womaskanda enento  ayenzayo bazoyeseka.  "Ngithi awehle umoya, zinsizwa sicela ukunipha umdlalo wobumbano kube yi-Hip Hop vs Maskandi. Siyacela," kuphetha uBig Zulu. 

Ngokusho kukaSmomoza, ingxabano yashisa phansi kubaculi bakamaskandi  kangangoba kwacishe kwabanjwana ngezandla. Uthe kukhona abaze banuka abanye ngokufuna ukuthwebula izinhlanhla zabo futhi kwabakhona ababizwa ngaphansi kweziketi zonina. USmomoza uthe abaculi ababengobhongoza nguSenzo "Ntencane" Zondi nosonkondlo ongumlingisi wemidlalo yethelevishini, uKwazi Nsele.

Eziphendulela uNtencane uvele washiya angalazi kuSmomoza. Uthe uSmomoza uyabasanganela futhi ugqwaba udumo ngabo.

"Yiliphi ibhola olifunayo ngoba wena ubungayi emidlalweni, ubalekela amanyala owawenza ulala nomfazi womuntu esasidlala naye eqenjini. Mina noKwazi, laba osubadakelwa manje, yithi owawucasha ngathi eMpangeni uthi sikugade ngoba awuphephile. Belukuphi lolo thando lwebhola ngaleso sikhathi?"