UMCULI kamaskandi oshisa izikhotha kulezi zinsuku, uFeza Langa, ugqugquzele ukuqhakanjiswa kwemfundo
Image: ZAMANI MATHE
YINGXENYE yabafundi ebebehambele umcimbi obuseMfolozi TVET College eNkandla, ngoLwesihlanu
Image: ZAMANI MATHE
U-AMAHLE Mchunu ekakwe wuMnuz Mthokozi Mchunu (ngakwesokunele), uMnuz Jerome Zungu noMnuz Vakashela Mahaye
Image: ZAMANI MATHE
UMCULI kamaskandi oqengqeleza phambili ngokudayisa kwengoma yakhe kuma-Official SA Charts (kwi-local Top 10 nakwi-International Top 20), uFeza Langa, ukhuthaze abafundi ngokubaluleka kwesikole. Uthe noma ngabe unaliphi ikhono kodwa kusemqoka ukuba ulishebe nesicucu semfundo.
NgoLwesihlanu, uFeza (29) - oshisa izikhotha kulezi zinsuku ngenoni elithi Umaqondana - ubekhuluma nabafundi abaphumelele ngamalengiso izifundo ezisemqoka nabebezenza ngaphansi kohlelo olubizwa ngeSteam (Science,Technology, Engineering and Mathematics) eMfolozi TVET College eNkandla.
Lo mculi uthe yena uqale waphothula iziqu zobuthishela kwiFoundation Phase e-University of Free State nyakenye, ngaphambi kokugxila emculweni lapho efike wakhonya khona.
"Okunye engicabanga ukuthi kubalulekile ukuba ngabelane ngakho nani ukuthi u-matric ngake ngawufeyila. Kodwa lokho akwenzanga ukuthi ngiyeke. Ngaya koqala phansi kaGrade 11 kwesinye isikole futhi ngagcina ngiwuphase kahle u-matric wami."
Unxuse abafundi ukuba babekezele ngoba zikhona izinto ezizobakhuba kule ndlela asebeyithathile kodwa bangaliphonsi ithawula. UFeza waseNgwetshana, eNquthu, ugila izimanga ngengoma ayicaphune kwicwecwe eliyi-EP elisihloko sithi Inkanyezi. Ngokudayisa ezitolo, le ngoma esihloko sithi Umaqondana, ihudula izingoma ezifana nekaSam Deep ethi Shela, ekaShebeshxt ethi Rato Laka, ekaJazzworkx ethi Uvalo, ekaDJ Maphorisa ethi Abantwana Bakho nekaNkeshemba ethi Ngixolele Mntanami.
Lo mcimbi bewenziwe yinhlangano engenzinzuzo yaseNkandla, iNkungumathe NPO. Umfundi uNhlanhla Mkhize obefunda eNkandla High kodwa oseyokwenza i-Actuarial Science e-University of Johannesburg, uthe basizakale kakhulu kwiSteam ngenxa yokuthi bekufika othisha abangongoti kwiScience neMaths base-Unisa.
Nozakwabo uThabisile Mchunu, uthe uhlelo lweSteam lumsize kakhulu ekuxazululeni izinkinga abehlangabezana nazo kwiMaths neScience. Uthe kulo nyaka uyokwenza izifundo zobudokotela e-University of KwaZulu-Natal. U-Amahle Mchunu obeseThala High, uthe ukube uhlelo lweSteam belungekho ngabe akawuphumelelanga u-matric.
USihlalo weNkungumathe NPO, uMnuz Mthokozi Mchunu, uthe okumjabulise kakhulu ukuthi izikole ebebezisekela ngalolu hlelo zikwazile ukuphasa u-matric ngamalengiso.
Uthe bona bahambisana nombono wokuthi kufanele kusizwe izingane ukuze kushaye u-2030 kunabafundi abangaphezu kuka-450 abangena emanyuvesi ngoba bephase ngamalengiso ezifundweni ezingaphansi kweSteam.
INduna yesizwe sakwaMpungose, uMnuz Vakashela Mahaye, ilishayele elikhulu ihlombe lolu hlelo.
Related Topics: