Izindaba

Lithatha elinye igxathu elokubulawa kwekhansela

Sabelo Nsele|Updated

KWESOKUDLA; Inkosi Simphiwe Eric Zuma nesolwa nabo oMnuz Thobani Hlongwa noMnuz Khayelihle Shabalala

Image: Sabelo Nsele

ZIGAYA ngomunye umhlathi izinto ecaleni lokubulawa kwekhansela elibhekene neNkosi Simphiwe Erick Zuma, njengoba selidluliselwe enkantolo yesifunda futhi kulindeleke ukuthi inkabi eboshwe nenkosi ivume icala.

Inkabi eboshwe nenkosi, uMnuz Thabo Mathonsi Chonco, kulindeleke ukuthi ilivume icala lokusoconga owayeyikhansela le-DA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu, uma isivela eNkantolo yesiFunda eMgungundlovu, ngoMsombuluko. 

Icala lokubulawa kukaNdlovu lisuswe eNkantolo yeMantshi eHowick, labe selidluliselwa eNkantolo yesiFunda eMgungundlovu. 

Inkosi noChonco baboshwe kanye noMnuz Thobani Masobho Hlongwa noKhayelihle Shabalala kuleli cala. Omunye umsolwa, uMnuz Zwelithini Buthelezi, owayeyinduna yenkosi, osephenduke ufakazi woMbuso. 

UChonco kuthiwa uyena owahlela itulo lokusoconga uNdlovu nokuyitulo okuthiwa walicija esejele. Kuvele ukuthi uChonco uzolivuma icala. Isolezwe lithole ukuthi uChonco ngeke alifake igama lenkosi uma esevuma icala.

Umthombo osondelene nophenyo, uthe uChonco uzokhomba uButhelezi njengomuntu okuwuye owabathuma ukuba basoconge uNdlovu.

Ummeli kaChonco, uMnuz Khanyile, uthe uzophawula kahle ngoMsombuluko uma uChonco esevelile enkantolo. UChonco usanda kulahlwa yicala lokusoconga umndeni waseBulwer.

INkantolo eNkulu eMgungundlovu igwebe uChonco odilikajele abahlanu.

UChonco uphinde abhekane necala lokuqothwa kwamalungu omndeni wakwaMemela eMbali, eMgungundlovu.

Umholi we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, uthe kubaqinisa idolo ukudluliselwa kwecala enkantolo yesifunda.

"Lokhu kuyakhombisa ukuthi leli icala elibucayi, ingakho lisusiwe enkantolo yemantshi layiswa enkantolo yesifunda."

URodgers uthe bafuna ukuzwa ukuthi uChonco uzothini uma esevuma icala.

"Sifuna ukubona ukuthi uMbuso uzobusebenzisa kanjani ubufakazi bukaChonco. Into eyinkinga ngomuntu osuke evume icala ukuthi kusuke kusangenzeka ukuthi anqabe ukufakaza uma sekuqulwa icala."

URodgers uthe kuyabakhathaza ukushaya ngolonwabu kwaleli cala.

"Sizoqhubeka nokuqapha ukuqulwa kwecala. Amalungu omphakathi nomndeni wakwaNdlovu akufanele uvumele leli cala ukuba liphelele emoyeni."

Inkosi ilokhu yahlala ejele ngoJulayi, njengoba sachithwa isicelo sebheyili kanti ibibukeka idangele ngesikhathi ivele enkantolo izolo.

Inkosi iphinde ibhekane namanye amacala amabili okubulala.

Ibhekene necala lokubulawa kowayengundunankulu wesizwe sakwaNxamalala, uMnuz Qalokunye Zuma nelokubulawa kowayelwa nokudayiswa komhlaba kamasipala, uMnuz Xolani Ntombela/Ndlovu.

Nawo la macala adluliselwe enkantolo yesifunda.