Izindaba

I-IFP yeseka iMbube kwelokushintshwa kwegama lesifundazwe

Sabelo Nsele|Published

IFP

Image: Doctor Ngcobo / Independent Newspapers

I-IFP isibe yiqembu lokuqala ukuphumela obala lizwakalise ukweseka isiphakamiso seSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, sokuba kushintshwe igama lesifundazwe iKwaZulu-Natal.

I-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal ithe igama lesifundazwe kufanele likuveze ukuthi isifundazwe singaphansi kobukhosi bukaZulu.

I-IFP isho kanjena nje, ngeledlule iMbube ithe isemkhankasweni wokuba kususwe uNatal egameni lesifundazwe.

INdlulamithi yamakhosi yasho lokhu ngesikhathi yethula inkulumo eMkhosini waseSandlwana.

USotswebhu omkhulu esiShayamthetho, uMnuz Blessed Gwala, uthe kwasekuqaleni vele bona babefuna ukuthi isifundazwe sibizwe ngeKwaZulu, wakhala ngokuthi abazi ukuthi uNatal lona usho ukuthini.

"Siyaseseka futhi sisishayela ihlombe isimemezelo seSilo. Lokhu kwenzeke ngesikhathi esifanele  ikakhulukazi njengoba izinto zizanywa ukuba zibuyiselwe esimweni. Asiboni nelilodwa iphutha kule nkulumo yeNgonyama. Umlando uyasitshela ukuthi nangesikhathi iLembe lihlanganisa zonke izizwe zamakhosi, imingcele yaKwaZulu ibize iyoshaya phezu komfula uMthavuna uma uya e-Eastern Cape, eBalfour uma ngaseGauteng nase-Ermelo, kuyisifundazwe iMpumalanga. Kwaba yiyo imingcele exovile ngoba yabe isihlephula izindawo eziningi zalapha KwaZulu, yazinika ezinye izifundazwe.

"Ngesikhathi kunezingxoxo zeCodesa ngo-1990, i-IFP yayivele isho ukuthi kufanele igama laKwaZulu lime mpo. IKwaZulu iwumbuso owodwa okufanele ukuthi umlando, amasiko, kusho ukuthi lelizwe empeleni liyilona elaKwaZulu, singalokhu sincetheza."

UGwala uthe maningi namanye amagama amadolobha okufanele ashintshwe lapha esifundazweni. Wenze isibonelo ngenhlokodolobha uMgungundlovu.

Uthe leli gama lifana nenhlamba kuZulu.

"UMgungundlovu kwakuyisigodlo seSilo uDingane. Kwathi nxa amaBhunu ewushisa uMgungundlovu, awubhubhisa ngomlilo, asebuyela eMaritzburg afike akha uMgungundlovu. Athi akha uMgungundlovu wangempela. Kungaba iphutha ke nathi uma singaqhubeka nokuzithuka ekubeni sekuyithina esisemandleni."