Izindaba

UButhelezi unqumele amakhansela aseMpendle ugwayi katiki

Sabelo Nsele|Published

ABASEBENZI bakuMasipala waseMpendle bebephethe izingqwembe njengoba bebhikishela ukungaholi

Image: KZN Cogta

UMPHATHISWA wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ufuna amakhansela kamasipala ohlulwe ukuholela abasebenzi, iMpendle, amchazele ukuthi kungani kungafanele axoshwe?

UButhelezi uhlangane namakhansela omkhandlu izolo, emva kokuba lo masipala uphinde wehluleka ukuholela abasebenzi. 

Abasebenzi bomkhandlu baba noKhisimusi omnyama ngonyaka owedlule, ngenxa yokungaholi ngesikhathi. 

Izolo, uButhelezi uyalele amakhansela ukuba ambhalele izincwadi, achaze kabanzi ukuthi kungani kumele aqhubeke ezikhundleni zawo njengamakhansela?

Umhlangano ubuhanjelwe yiwo wonke amakhansela omkhandlu. 

UButhelezi ukhombise ukungenami ngezimpendulo azinikwe yizikhulu zomkhandlu ebeziholwa yimenenja kamasipala, uMnuz Zakhele Tshabalala. 

UButhelezi ube esejikela emakhanseleni, wawabuza ukuthi kungani ehlulwa ngumsebenzi wawo ngoba yiwo okumele amele umphakathi ngokubhekana ngqo nabasebenzi abahlulwa ngumsebenzi wabo?

"Yinina phela eninikwe amandla okukhuluma uma izinto zingahambi kahle kumasipala. Isimo sibi kangaka nje kodwa nina nikhona njengamakhansela. Ngizocela ninikwe i-code of conduct, bese kuthi ngoLwesine, lwangomhla ka-5, ngilindele ukuthola izincwadi ezivela kunina ezingitshelayo ikuthi kungani kumele niqhubeke nokuba ngamakhansela?"

UButhelezi uphinde wayalela amakhansela ukuba aqoke imeya ngokushesha.

Lo mkhandlu usuhlale isikhathi eside ungenayo imeya emva kokukhishwa kukaMnuz Buyisani Mlaba, owakhishwa ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe ezinyangeni eziyisithupha ezedlule. 

"Ngalo uLwesine, ngilindele ukube nibe seninayo imeya ebekwe ngokusemthweni. Akukho esizokwazi ukukulungisa ingekho imeya ngoba iyona okumele iqhumise isibhaxu kwimeneja kamasipala uma kunezimo ezinjengalezi enibhekene nazo." 

Kunemibiko eveza ukuthi umasipala uyehluleka ukusebenzisa imali osuke uyabelwe uhulumeni wesifundazwe nokazwelonke, nokwenza ukuthi enye imali igcina isibuyela emumva.

UButhelezi uthe basazonquma ukuthi isiphi isinqumo abazosithatha ngokuphathwa kwalo mkhandlu.