IMEYA yaseZululand uMnuz Michael Khumalo neMeya yaseBaqulusini uMnuz Sifiso Mkhwanazi ngesikhathi bezoklomelisa abafundi abenze kahle eCecil Emmett eVryheid
Image: Sithunyelwe
UBONGE izaguga ezamkhulisa umfundi waseMondlo, eVryheid izolo obe kubafundi abanikwe imali engango-R5 000, ukuthi bayoqhuba izifundo zabo ezikhungweni eziphambili zemfundo.
USinokholo Mhlungu, obefunda eSolomuzi High uveze ukuthi uyaziqhenya ngokusebenza kanzima okumenze waba kubafundi abahamba phambili ezikoleni ezakhele iZululand.
Ekhuluma neSolezwe, uthe ubonga ugogo nomkhulu abamkhulisile wakwazi ukuzimisela.
ABAFUNDI bezikole ezahlukene ngaphansi kwaBaqulusi abebezoklonyeliswa emcimbini wabafundi abenze kahle ku-matric
Image: Sithunyelwe
"Ngikhuliswe ngokuthi kuhle ukuhlonipha noma yikuphi lapho osuke uhamba khona, ngakho esikoleni yilapho ebengizimisele khona ngoba bengifuna ukuthi ngenze kahle. Ezifundweni zami kusuka kuGrade 10, bengizitshela ukuthi ngifuna ukwenza kahle ukuze ngihambe ngiye esikhungweni semfundo ephakeme ngiqhubeke nokufunda," kusho uSinokholo.
Uthe imali yoxhaso abayitholile izobasiza kakhulu njengoba abanye babo bentula futhi bengazi nokuthi bazoyithathaphi imali yokuyobhalisa.
"Siyabonga kuMasipala ngokusinika lolu xhaso lokuqhuba imfundo. Siyathemba ukuthi konke kuzohamba ngendlela uma sesihambile, ngiyanxusa nabanye abaku-matric ukuthi bazimisele njengoba kuthela izithelo ezinhle ekugcineni," kuchaza yena.
UMnuz Sifiso Mkhwanazi oyiMeya yaseBaqulusini uthe zingu-15 izikole eziphase kahle.
"Sibonga ukuthi kuzona zonke izindawo akukho mibhikisho esike saba nayo, ethinta ukungenami kwabafundi, okunye okusijabulisayo wukubona izingane ziphasa kahle izifundo iMaths nePhysics. Ngiyanxusa ukuthi othisha bazimisele kakhulu baqinise kulezi zifundo, angisho ukuthi abanye othisha abenzi kahle kodwa lezi zifundo zombili yizona ezithandwa kakhulu manje futhi ezinamathuba amaningi omsebenzi," kusho uMkhwanazi.
Uthe imali abayinike abafundi ayichazi ukuthi njengoMasipala banemali kodwa bekumele bakwenze lokhu ukubonga abafundi.
Uveze ukuthi izidingo eziya emphakathini basazoqhubeka nokuzisa noma ngaphansi kwasiphi isimo.
Related Topics: