Izindaba

Lishaywe lavaleka amehlo ikhansela 'ebeliphazamisa' umhlangano

Sabelo Nsele|Published

Nongoma Local Municipality

Image: Sigciniwe

LISHAYWE lavaleka amehlo ikhansela lakuMasipala waKwaNongoma ebelisolwa ngokuphazamisa umhlangano womkhandlu.

Ikhansela, uMnuz Clifford Nkosi, kuthiwa lishaywe abaqaphi abagada imenenja yomkhandlu, uMnuz Mpumelelo Mnguni.

UNkosi kuthiwa ushaywe abaqaphi emva kokuba ekhishiwe emhlanganweni esolwa ngokuphazamisa.

Umthombo owazi ngalolu daba uthe uNkosi uzidonsele amanzi ngomsele ngokuphikisa isiphakamiso sokuba kunyuselwe izikhulu zomkhandlu amaholo.

Umthombo uthe emhlanganweni bekunesiphakamiso sokuthi kunyuswe imiholo yezikhulu zomkhandlu.

"UNkosi ufike wathi akahambisani nalesi siphakamiso. Uthe imenenja yomkhandlu isanda kubatshela ukuthi ayikho imali yokuhambisa izidingo ebantwini. Uthe ngeke kunyuswe imiholo yezikhulu ekubeni ingekho imali yokuhambisa izidingo kubantu."

Umthombo uthe ukhishiwe emhlanganweni, nokuyilapho-ke exakazisane nabaqaphi bakaMnguni.

"Bamthele induku, waze wavaleka amehlo. Kuthe eya emaphoyiseni eyovula icala,wafika abaqaphi sebemhambele phambili bayomvulela icala."

Omunye umthombo uthe uyena uNkosi ogadle kuqala kubaqaphi bakaMnguni.

Umthombo uthe uNkosi uqale ukuhilizisana nabaqaphi bakaMnguni ngaphambi kokuthi kuqale umhlangano.

"Uqale ukubathuka ngaphambi kokuthi kuqale umhlangano. Kuthe noma esekhishwa emhlanganweni wabe esephinda futhi ebachukuluza. Uyena ogadle kuqala, nabo base beyaphindisela. Uthinteke kabi impela yena (uNkosi)."

UMnguni ucele ukuba yonke imibuzo ibhekiswe kuSomlomo, uMnuz Sinethemba Mbongwa.

UMbongwa uthe ubengakawutholi umbiko ogcwele ngokushaywa kukaNkosi.

UMbongwa uthe ucele uNkosi ukuba aphume emhlanganweni wangoLwesithathu ngenxa yokuthi ubephazamisa.

"Angibonanga ukuthi kwenzekeni. Ngizwile nje ukuthi ushayekile, kukhona futhi umbiko othi naye kukhona umqaphi amshayile. Angikwazanga ukuthola umbiko ogcwele ngenxa yokuthi besiphuthuma emhlanganweni eMgungundlovu, lapho besiyovela khona phambi kwekomiti lasePhalamende."

Isolezwe lithole ukuthi mabili amacala okushaya avuliwe, elinye livulwe umqaphi kanti elesibili livulwe uNkosi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, akazange ayiphendule imibuzo ayithunyelwe.

Isolezwe lizame kaningi ukuxhumana noNkosi izolo.

UNkosi ubelokhu ethembisa ukuthi uzobuye ayifonele intatheli kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela engatholakalanga.