Izindaba

Abazisoli abaseMsunduzi ngokuxhasa iRoyal AM ngoR27 million

Sabelo Nsele|Published

UShauwn Mkhize, owayengumnikazi weRoyal AM

Image: Ayanda Ndamane

UMASIPALA waseMsunduzi uyaqhubeka nokuvikela isinqumo sawo sokuxhasa ngezigidi zamaRandi iqembu lebhola elaliphethwe yimpunyela, uShauwn Mkhize.

IMeya yomkhandlu, uMnuz Mzimkulu Thebolla, ithe akukho phutha abalenza ngesikhathi bethatha isinqumo sokuxhasa iRoyal AM ngo-R27 million.

Ukusho lokhu ngesikhathi ephendula imibuzo yamalungu amakomiti asePhalamende, elibhekele ukusebenza koMnyango wokuBusa ngokuBambisana, kanye nelibhekele ukusetshenziswa kwemali yomphakathi.

UMasipala waseMsunduzi wathatha isinqumo sokuxhasa iRoyal AM ukuze idlalele imidlalo yayo yasekhaya enkundleni eseMgungundlovu, iHarry Gwala Stadium.

Isivumelwano kwakungeseminyaka emithathu lapho iRoyal AM yayizothola u-R9 million njalo ngonyaka.

IRoyal AM yehluleka ukuqeda imidlalo yayo ngenxa yenkinga yemali.

Amalungu amakomiti afune ukwazi ukuthi ngabe kukhona yini izikhulu zomkhandlu ezikufundile kulokhu.

UThebolla uthe alikho iphutha abalenza ngokuxhasa iRoyal AM, wathi baba nebhadi nje lokuthi iRoyal AM ikhungathwe yizinkinga ezenza ukuthi ingabe isakwazi ukuqhubeka nemidlalo yayo yasekhaya.

"Sanquma ukuxhasa iRoyal AM emva kokudliwa yizembe kweMaritzburg eyayidlalela imidlalo yayo yasekhaya eMgungundlovu. Sabe sineminyaka eyishumi sixhasa iMaritzburg United. Sayibekela imibandela iRoyal AM ngesikhathi sivuma ukuyixhasa. Ngebhadi ke iRoyal AM yaba nezinkinga zemali okubalwa kuzo neSars (SA Revenue Services). Sabe sesiphela kanjalo ke isivumelwano ngoba base behluleka ukugcina imibandela esasibabekele yona."

Amalungu ekomiti abuzile ukuthi ngabe kukhona yini okwazuzwa wumasipala ngalesi sivumelwano, uThebolla wathi kukhona.

"Ngokwesivumelwano ayikho imali eyayizoza kumasipala ngqo. Kodwa ke baningi abahlomula ngesikhathi iRoyal AM idlalela imidlalo yayo yasekhaya lapha. Namanje siyafisa ukuthi kube khona iqembu elizozinza lapha eMgungundlovu ukuze abantu bakwazi ukubuka ibhola."

Ngonyaka odlule iNkantolo eNkulu eMgungundlovu yachitha isinqumo somkhandlu sokuxhasa iRoyal AM.

Inkantolo yayalela ukuba ibuye yonke imali eyayisikhokhelwe iRoyal AM njengengxenye yesivumelwano.

Icala lalifakwe yiDA, umasipala usiphonsela inselelo isinqumo senkantolo.

UThebolla uphinde wabuzwa ukuthi kungani umasipala ungafuni ukuxhasa iqembu laseMgungundlovu eligijima kwiMotsepe Foundation Championship, iMidlands Wanderers.

IMidlands Wanderers isanda kuthatha isinqumo sokuthi imidlalo yayo yasekhaya izoyidlalela eThekwini ikhala ngokumba eqolo kwezindleko zokuqasha iHarry Gwala, kanye nokunganakekelwa kwenkundla.

UThebolla uthembise ukuthi bazohlangana nezikhulu zeqembu ukuze baxoxe eyoxhaso.

UThebolla uthe abeMidlands Wanderers kufanele impela bayikhokhe imali ebekiwe yokuqasha inkundla njengoba bengenaso isivumelwano soxhaso.