UMNTWANA omkhulu wasoNkweni u-Africa Zulu
Image: Sigciniwe
UMNTWANA waseNdlunkulu kaZulu ubona isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esithinta imishado sizokwenza ukuthi abantu babe manqika ukushada umshado wesintu.
UMntwana omkhulu wasoNkweni, u-Africa Zulu, uthe isinqumo senkantolo sangeledlule senza kubukeke sengathi kuyingozi ukushada umgcagco wesintu, uthi lokho kudala itwetwe nongabazane.
Inkantolo inqume ukuthi abantu abagcagce ngokwesintu bafana nabashade umshado ohlanganisa amafa, akukhathaleki noma ngabe kuthiwa babuye bashada umshado wephepha ohlukanisa amafa emva komgcagco.
Ngokwesinqumo senkantolo ukukhokhwa kwelobolo kusho ukuthi nisuke senishade umshado ohlanganisa amafa.
Inkantolo ibihlulela ecaleni lezithandani ezaqala ngomgcagco wesintu, ngaphambi kokuthi zishade umshado ohlukanisa amafa.
Inkantolo ithe umgcagco wesintu yiwona esemthethweni ngoba izithandani zaqala ngawo.
UMntwana u-Africa uthe ukukhishwa kwelobolo kusuke kungasho ukuthi sekuqedwe konke okuthinta umshado.
"Kusuke nje kuseyisiqalo lesi lapho umkhwenyana ekhombisa izinhloso zakhe. Kuningi okusuke kusazolandela lapho imindeni yakha ubuhlobo."
UMntwana u-Africa uthe baningi abathuswe yisinqumo sangeledlule.
"Akufanele sisithathe kancane lesi sinqumo ngoba asithinti nje kuphela abantu abebeyingxenye yecala kodwa sithinta abantu jikelele. Akukuhle uma inkantolo izokhipha isinqumo esikhombisa ukuthi kuyingozi ukushada umshado wesintu. Lokhu kuzokwenza ukuthi abantu abaningi babe manqika ukushada umshado wesintu. Abantu abasha bazowubalekela umgcagco wesintu."
UMntwana u-Africa uthe akufanele kugxekwe izinkantolo ngesinqumo wathi kodwa kufanele kugxekwe iPhalamende.
"Izinkantolo azishayi imithetho kodwa zona zihumusha imithetho. IPhalamende yilona elishaya imithetho. Kufanele sizibuze ukuthi ngabe abantu abasePhalamende bawenza ngendlela yini umsebenzi wabo. Imithetho kufanele ihambisane nendlela abantu abaphila ngayo. Imithetho eminingi ayihambisani nendlela yokuphila nokwenza sizibuze ukuthi ngabe abantu abashaya imithetho bayayazi yini into abayenzayo."
UMntwana u-Africa uthe miningi imithetho eshaywa yiPhalamende engahambisani nabantu.
"Kuningi esikubukayo okungahambisani nesintu. Kufana nomthetho ovumela indoda ukuba ithathe isibongo sikankosikazi. Noma ngabe ulubuka kanjani lolu daba kodwa iqiniso wukuthi lokhu akuhambisani nesiko. IPhalamende kufanele lixhumane kahle nemiphakathi ngaphambi kokushaya imithetho."
Related Topics: