ISILO uMisuzulu kaZwelithini
Image: SIGCINIWE
LIZOPHUMA namuhla ibutho likaZulu eliyokhempa entabeni iSandlwana, eNquthu, lapho kuzokuba nomkhosi wokukhumbula ingqophamlando yempi yango-1879, lapho uZulu anqoba amaNgisi.
ISilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sizokhipha ibutho elizolibangisa eSandlwana, namhlanje, oLundi.
Lesi isigaba esibalulekile emalungiselelweni omkhosi njengoba kusuke kuphindwa okwenziwa yiSilo uCetshwayo ngesikhathi sikhipha ibutho elanqoba amaNgisi.
UMkhosi waseSandlwana uzokuba ngoLwesine.
Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani kaGqikazi Zulu, uthe ibutho elizokhishwa yiSilo namhlanje liqhamuke esifundeni iZululand, wathi lizofike lihlangane namabutho aqhamuka kwezinye izindawo eSandlwana.
"Kunzima njengamanje ukusho isibalo sebutho elizophuma kusasa (namhlanje) ngoba kukhona abazokube besuka khona eNquthu, abazofike bahlangane nebutho elizokube lisuka eZululand. Ibutho lizofike likhempe khona eSandlwana njengoba kuqhubeka imicimbi eyandulela uMkhosi waseSandlwana. Kuningi okuzokwenzeka khona eSandlwana kulo leli sonto ngaphambi kokuthi kufike umkhosi. NgoLwesithathu sizokube siseShiyane, ngoba nakhona siyazi ukuthi kunomlando okhona. Sizokube siyokhumbula loyo mlando."
UMntwana uThulani uthe iSilo sizokwethula inkulumo eMkhosini waseSandlwana, ngoLwesine, lapho kulindeleke khona izinkumbi zabantu.
UMntwana uThulani uthe ihambe kahle imicimbi eyandulela uMkhosi waseSandlwana ebingesonto eledlule.
Imicimbi eyandulela umkhosi ibisesiFundeni iKing Cetshwayo, iqale ngoLwesine yaze yaphothulwa ngoLwesihlanu.
"Siqale ngoLwesine saya eSikhaleni seNkosi, ePort Durnford, lapho iSilo uCetshwayo sagibelela khona umkhumbi ngesikhathi siya kwelamaNgisi. Sabe sesidlulela eShowe, lapho kwaphumela khona umphefumulo weNgonyama. NgoLwesihlanu besiseNkandla, edlinzeni leSilo uCetshwayo lapho sibe khona nomthandazo. Konke kuhambe kahle kakhulu njengoba bekukhona abaNtwana, amakhosi namabutho."
Imicimbi ehambisana noMkhosi waseSandlwana izoze iphothulwe ngoLwesihlanu, eRorkes Drift, lapho kuzobekwa izimbali emalibeni amabutho kaZulu nawamaNgisi aguqa kule mpi ka-1879.
Related Topics: