Izindaba

Kuhlukene imibono ngekhwelo leSilo lokushintshwa kwegama lesifundazwe

Sabelo Nsele|Published

ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini

Image: Siphamandla Mbhele/ KZNSAC

KUHLUKENE imibono kongoti mayelana nomkhankaso oqalwe yiSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini wokushintsha igama lesifundazwe iKwaZulu-Natal.

Ungoti wezamasiko uncome umkhankaso weMbube wokuba kususwe igama uNatal egameni lesifundazwe, sibizwe ngeKwaZulu, kanti umhlaziyi wezepolitiki yena ukhombise ukungahambisani nalolu shintsho.

INdlulamithi yamakhosi yenze isimemezelo ngalo mkhankaso ngesikhathi ikhuluma eMkhosini waseSandlwana, ngeledlule.

IMbube ithe uNatal kufanele ukhishwe ngoba ayiwazi ukuthi uqhamukaphi.

"KuKwaZulu la, lo Natal iwona osidalela izinkinga."

ISilo uGoodwill Zwelithini kaZwelithini sake saqala umkhankaso ofanayo ngo-2006 kodwa wagcina uphelela emoyeni.

Ungoti wezamasiko waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uSolwazi Sihawu Ngubane, uthe uNatal kwakuvele kuyigama elaqhamuka nabamhlophe ngesikhathi befika lapha.

UNgubane uthe kufanele luqalwe ngokushesha uhlelo lokushintshwa kwegama lesifundazwe.

"Njengoba iSilo sesikhulumile ukuthi ukuba negama nesibongo kwesifundazwe kwenza ukuthi abantu bengahlangani, akuqalwe uhlelo ngokushesha. Udaba olusingathwa yiPhalamende, ikomiti lokuqanjwa kwamagama alingeni kulolu daba. Kufanele kube khona ozokwenza isethulo ePhalamende ukuze kuqale uhlelo."

UNgubane uthe ziningi ezinye izifundazwe okufanele ziqanjwe kabusha njengoba kwenzeka ngo-2002, ngesikhathi kuqanjwa kabusha iLimpopo, eyayibizwa ngeNorthern Province.

"Kukhona oNorthern Cape, North West, abangaqanjiwe. Bonke laba o-Eastern Cape nabo kufanele baqanjwe kabusha. Mningi kakhulu umsebenzi okusafanele wenziwe."

Umhlaziyi wezepolitiki waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe akasiboni isidingo sokuba kushintshwe igama lesifundazwe.

"Lapha eNingizimu Afrika sekushintshwe amagama emigwaqo, awamabhilidi nawezikhumulo zezindiza. Lokho kusisize ngani?"

UNdlovu uthe ukuqanjwa kwesifundazwe sibizwe ngeKwaZulu kungenza abanye bebone sengathi uZulu uphuma ibhodwe lawo, uba izwe elizimele.

"Izoshiya imibuzo eminingi le nto uma kuzokuba nesifundazwe lapha eNingizimu Afrika okuthiwa iKwaZulu. Siyazi ukuthi kunezwe iLesotho okungelabeSuthu, kube neSwatini okuyizwe lamaSwati. Abanye bengabuza ukuthi ngabe iKwaZulu nayo izokuba izwe elizimele?"

UNdlovu uthe kungenzeka kube nezinhlangano zezepolitiki ezizokweseka ikhwelo leSilo ngenxa yokuthi zifuna ukuvotelwa amaZulu.