SINDISO Magaqa
Image: Supplied
AMAPHOYISA atshelwa ngetulo lokubulawa kowayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa, kusasele amasonto amabili asocongwe.
Izikhulu zamaphoyisa kuthiwa azizange zilusukumele lolu daba nokwaholela ekutheni uMagaqa abulawe.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi kuqhubeka ikhomishini ephenya izinsolo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
Ufakazi oyiphoyisa utshele ikhomishini eholwa yiJaji uMbuyiseli Madlanga ukuthi waluma indlebe izikhulu zamaphoyisa ngetulo lokusoconga.
Ufakazi ofihliwe uthe ulwazi ngetulo lokubulawa kukaMagaqa waluthola komunye owayeyilungu leqembu lemigulukudu eyayibamba inkunzi izimoto zemali.
Ufakazi ofihliwe uthe leli lungu leqembu lezigebengu lase liphenduke ingede yakhe.
"Ilungu leqembu lezigebengu langitshela ukuthi bathengiwe ukuba babulale umuntu."
Ufakazi uthe wayazi ngisho namagama abaholi be-ANC ababakha itulo.
Ufakazi uthe laba baholi be-ANC babehlangene namaphoyisa ophiko lwezinhloli.
"Imoto eyasetshenziswa laphaya kanye nesibhamu okwamaphoyisa ophikweni lwezinhloli."
UMagaqa wadutshulwa wabulawa ngo-2017.
Inkabi eyavuma icala lokubulala uMagaqa, uSibusiso Ncengwa, yagwetshwa iminyaka engu-85.
Abalisa abathathu, uMnuz Sibonelo Myeza, Mbulelo Mpofana, kanye nowayeyimenenja kaMasipala waseMzimkhulu, uMnuz Zweliphansi Sikhosana, babhekene necala lokubulala uMagaqa.
Ufakazi utshele inkantolo ukuthi wafonelwa wuNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, embuza ngaleli cala.
Ufakazi uthe uMchunu wayefuna ukwazi ukuthi owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, kanye nomholi wethimba lamaphoyisa eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal ophinde abe wumholi wezinhloli, uLieutenant General Dumisani Khumalo, abathinteki yini etulweni lokusocongwa kukaMagaqa.
"Ngamchazela ukuthi uKhumalo akathinteki kulokhu. Ngesikhathi kubulawa uMagaqa, uKhumalo wayengakabi sophikweni lwezinhloli. Ngamchazela nakuCele ukuthi wayengakabi ungqongqoshe ngesikhathi kubulawa uMagaqa."
Ufakazi uthe uMchunu wazama ukumncenga ukuba asho izinto ezinhle ngaye uma esethula ubufakazi phambi kwekhomishini.
Uthe wayefuna ukuthi asho izinto ezimbi ngethimba lamaphoyisa eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
"Wayefuna ukuthi ngimtholele bonke abantu abahlukunyezwa yithimba, futhi ngibhale isitatimende esenza izinsolo zokuthi ithimba lathenga izimoto zikanokusho."
Ufakazi uthe uMchunu wayemfonela ngezinombolo ezihlukene.
Uthe uMchunu wamthembisa ukuthi uzophila kahle uma engase amnikeze isitatimende esisho izinto ezivuna yena.
Ekuseni kuqale kwafakaza iPhini likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal elibambile, uMajor General Anthony Gopaul.
UGopaul uthe uMchunu wake wafika esiteshini samaphoyisa efuna ukwazi ukuthi kungani engaboshiwe amadodana omuntu owayemele iMKP okhethweni lokuchibiyela olwalukuMasipala waKwaDukuza.
UGopaul uthe uMchunu wafika efake umfaniswano we-ANC, wafuna ukwazi ukuthi kungani amaphoyisa engawabophi amadodana kaMnuz Doeshiee Govender.
UGopaul uthe uMchunu wayekade ezokhankasela i-ANC okhethweni lokuchibiyela okwagcina kunqoba kulo uGovender.
UGovender wayekade ehlubuke kuyo i-ANC. UGopaul uthe amacala athinta amadodana kaGovender ayemadala.
"Amanye enzeka ngo-2016. Ngazibuza ukuthi kungani isikhalo sesiqhamuka manje ngoba nakhu sekubhekwe okhethweni lokuchibiyela. Akekho futhi umuntu owabuye wakhala ngalamacala emva kokhetho."
UGopaul uthe uMchunu wayefuna nokwazi nokwakuqhubeka ngecala lokubulawa kwekhansela le-ANC kuMasipala waseMandeni, uMnuz Phendukani Mabhida.
UGopaul uthe uMchunu wakhombisa ukungakujabuleli ukuthi leli cala laliphenywa yithimba lamaphoyisa eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal ngenxa yokuthi wayesekhiphe umyalelo wokuthi lihlakazwe ithimba.
Related Topics: