UMENZI Mabizela usehoshe imfe emiqhudelwaneni yabaculi
Image: SIGCINIWE
KUDUMALE abantu abaningi umculi kamaskandi, uMenzi Mabizela, ememezela ukuthi usehoxa unomphela emiqhudelwaneni. Uthe okumenze wathatha isinqumo sokuhosha imfe ekuncintisaneni nabanye ukuphoxeka ahlangabezana nakho komunye umqhudelwano nyakenye.
Ekhuluma kwiBhanyazile TV, uthe akalwi nemincintiswano nabagqugquzeli bayo kodwa wenqena ukuxoveka umoya. Nakuba kunjalo, uthe uyayemukela imiklomelo ayithola emiqhudelwaneni okusuke kungavotwa kuyo njengendondo asanda kuyihlomula kwaYouTube ngenxa yokuba nabalandeli (subscribers) abangaphezu kuka-100 000.
"Izinto lezi ozithola zingenawo umsindo ngisho omncane. Imincintiswano okuvotwa kuyo igcina imibono seyiba miningi. Uma nisebenza niba baningi kuyenzeka ugcine sewubamba phezu kwesandla somunye, adinwe. Ezintweni ezinjengalezo ngathatha isinqumo sokuthi ngingasazingeni emuva kokulimala enhliziyweni yami komunye umncintiswano."
Uthe yena akazongenela ngisho owodwa umncintiswano, noma ngabe kuvotwa ngoshingamu, wathi kukhona ebesebeqalile bephakamisa igama lakhe nelikaMzukulu neNkosi Yamagcokama kwiMother Of All Maskandi Festival, okungumncintiswano kaZimdollar.
UMenzi uthe unxuse ukuba itekisi iye kwiNkosi Yamagcokama ngoba seyindala endimeni. Uthe uqale ukuhoxa emncintiswaneni ngesikhathi eqokwa kwiTshatha Music Festival.
"Angisakwazi ukubuyela emicimbini okuqhudelwanayo kuyo ngoba sekuke kwakhona omunye abathe uma bengifonela becela ukungifaka kuwo, ngacela ukungafakwa. Ngagcina ngingafakwanga futhi basihlonipha isicelo sami. Ngakho angikwazi ukungenela omunye umqhudelwano ngoba lokho kungasho ukuthi ngiyamdelela engiwunqabile owakhe."
Unxuse abalandeli abamthanda ngeqiniso ukuba bengamfaki emincintiswaneni ngenxa yokusabela umsebenzi awenzela bona. Uthe imincintiswano igcina seyimenza agcine esecula ngenhliziyo embi ngenxa yobuhlungu.
"Mina ngiyeneliseka ngoxhaso abanginikeza lona ko-Apple Music, Spotify nakwiYouTube."
Uthe ukukhombisa ukuthi akanankinga nemincintiswano, uzoqhubeka nokuyojabulisa abantu emicimbini. UMenzi waqala ukumemezela ukuthi usezohoxa emincintiswaneni ngesikhathi besahubhana nozakwabo uLimit Nala kwiMother Of All Maskandi Festival nyakenye, bebanga iQuantum.
Sekungumlando ukuthi lelo tekisi lagcina liwelele eNkandla, emuva kokunqotshwa wuLimit. Yize kwavela ukuthi uLimit wavotelwa kakhulu yizintokazi zaseLadies House (ikhasi elikwiFacebook) emuva kokuba uMenzi esolwe ngokweseka izinkulumo zikaTamara, kodwa uMenzi wathi ngamampunge lawo.
Kwenzeka lokhu nje, nango-2024 akubanga kuhle nakubalandeli bomculi waseMzimkhulu, uSolwazi, emuva kokuba iQuantum liwinwe wumculi wasoPhongolo, uGatsheni.