Izindaba

Ingxabano kujatshulelwa ingoma kaKwesta

Charles Khuzwayo|Published

MAPHORISA

Image: SIGCINIWE

NOTA BALOYI

Image: SIGCINIWE

KWESTA.

Image: SIGCINIWE

UMDIDIYELI wezingoma ohlonishwa e-Afrika namaphethelo, uThemba "DJ Maphorisa" Sekowe, ubhoboke ngobuhlungu asezwiswe bona iminyaka eyisishiyagalolunye emuva kokuphrojusa unqambothi lwengoma yomrepha uSenzo "Kwesta" Vilakazi ethi Ingud'.

Njengoba kuphela iminyaka engu-10 kwaphuma iNgud', uMaphorisa udalule ukuthi kuze kube yimanje akakaze wathola ngisho indibilishi ngokudlalwa kwale ngoma emisakazweni naseziteshini zethelevishini.

UMaphorisa uveze lokhu ngesikhathi ongumdidiyeli omkhulu waleli culo, uNhlamulo "Nota" Baloyi esagiya eqephuza ezinkundleni zokuxhumana, egubha ukuphela kwale minyaka.

Uthe esagubha kanjalo uNota kwi-X, uMaphorisa wavele waphonseka njengempukane obisini, wabhodla ngokhalo kudliwa ngokuveza ukuthi noma kungajatshulwa kangakanani kodwa kwadliwa amandla akhe. Isolezwe lithole ukuthi le ngoma, okwapikwa kuyo uCassper Nyovest, yadidiyelwa wuMaphorisa ngokubambisana noGanja Beats, Gobi Beast noNegwa Makwa.

UMaphorisa kuthiwa uyena owayithaka ngesigqi se-house ngokufudumeza iculo lika-Antena elithi Camino Del Sol ukuze kuphume ulozolo lwesigqi seNgud. Kuhluleke ngisho uNota esemncenga ukuba angazehlisi.

"Ubani ofuna uphumelele ukwedlula mina? Akekho. Ungakhohlwa wukuthi wavezwa wubani emculweni." UMaphorisa uvele watshela uNota ukuthi akayeke ukwanda ngomlomo sengathi umabuya ngokuhlwa kodwa asebenze ukuze enze imali.

"Wena uhluleke wancama. Bewunenkampani yomculo kodwa wabhacaza. Awusenabudlelwano nabantu nabaculi, okusho ukuthi awusenzi mali. Waba nesivumelwano ne-Orchards kodwa wasimosha. Kungani kumele ngilalele iziyalo zakho?" kubhoka ngolaka uMaphorisa. Nabantu abaningi bavele bachema noMaphorisa, bagxeka uNota ngokunqwaha nemali yakhe ekubeni asebenza.

INgud ikwi-albhamu kaKwesta esihloko sithi Dakar yango-2016. Leli culo eselidlalwe amahlandla awu-19 million kwiYouTube, lashisa izikhotha eminyakeni eyedlule emisakazweni naseziteshini zethelevishini kanye nasezindaweni zobumnandi. NoKwesta waqashwa kakhulu ngalo emicimbini emikhulu. Empeleni namanje akaphumi esteji engaliculanga.