Robert McBride
Image: Armand Hough / Independent Newspapers
OWAYEYISIKHULU sophiko oluqaphe ukusebenza kwamaphoyisa, i-Ipid, uMnuz Robert McBride, uchaze ukuthi kungani bakhetha ukuya emzini kaNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, esikhundleni sokuba bambizele emahhovisi e-Ipid ngesikhathi beqhuba uphenyo ngecala lokubulala elathinta umqaphi kaMchunu.
UMcBride uthe kwakuzokwehlisa uMchunu isithunzi ukumbizela emahhovisi e-Ipid.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula ubufakazi phambi kwekomiti lasePhalamende eliphenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
Ngokobufakazi obethulwa uMkhwanazi, uMcBride nenhloko yezisebenzi ehhovisi likaMchunu emisiwe, uMnuz Cedric Nkabinde, baya emzini kaMchunu ngesikhathi beqhuba uphenyo ngecala lokubulala elalithinta umuntu owayengumqaphi kaMchunu ngesikhathi esengundunankulu waKwaZulu-Natal.
Ngaleso sikhathi uMcBride noNkabinde babesebenzela i-Ipid, uMchunu yena wayeseshiyile kwesikandunankulu waKwaZulu-Natal.
Ngokusho kukaMkhwanazi, uMchunu wazama ukuphazamisa uphenyo.
UMchunu yena wathi wayecele umhlangano nezikhulu ze-Ipid ngenxa yokuthi wayefuna ukudlulisa ukungenami kwakhe ngokugxambukela kwamaphoyisa asophikweni loKlebe odabeni.
Ebuzwa uMcBride ukuthi kungani banquma ukuya emzini kaMchunu esikhundleni sokuba bahlangane kunoma isiphi isikhungo sikahulumeni, uMcBride uthe kwakufanele baye emzini kaMchunu.
"Njengoba eke waba undunankulu waKwaZulu-Natal uMchunu, uwumholi oqavile. Kwakungabe ngikhombisa ukungamhloniphi ukube ngambizela emahhovisi ethu. Kwakufanele siye kwakhe. Lena indlela engenza ngayo. Uma kukhona into engifuna ukukubuza yona ngiyaye ngifike kwakho."
Ilungu leMKP, uMnuz Sibonelo Nomvalo, lihlabe lahlikiza okushiwo uMcBride ngokungayi kukaMkhwanazi emngcwabeni womphenyi we-Ipid, uMnuz Mandlakayise Mahlangu.
UMahlangu, owayengumngani kaMkhwanazi, wadutshulwa wabulawa ngesikhathi ephenya izinsolo zenkohlakalo ekuthengweni kwamavesti amaphoyisa okuvikela izinhlamvu.
UMcBride uthe kushayisa amakhala ukuthi uMkhwanazi uyena owafika kuqala endaweni okwabulawelwa kuyona uMahlangu.
UMcBride uthe kuyasolisa nokuthi uMkhwanazi akayanga emngcwabeni kaMahlangu.
Kepha uNomvalo uthe uMkhwanazi wafonelwa umfowabo kaMahlangu, uMnuz William Mahlangu, emcela ukuba aphuthume ayobheka lapho kubulawelwe khona uMahlangu.
"Umfowabo wayesebenzela oKlebe esifundazweni iMpumalanga ngaleso sikhathi. Empeleni uWilliam uyena owayengumngani omkhulu kaMKhwanazi."
Ikomiti lizoqhubeka namhlanje nokulalela ofakazi.
Related Topics: