Izindaba

Usesaba ngisho ukuphumela emnyango uMkhwanazi

Sabelo Nsele|Published

Julius Mkhwanazi

Image: Armand Hough / Independent Newspapers

ISIKHULU samaphoyisa kuMasipala waseKurhuleni esimisiwe, uKhomishana Julius Mkhwanazi, sithi sesisaba ngisho ukuphumela emnyango ngenxa yokuthi kukhona abasinuka ngokushona kowethula ubufakazi kwiKhomishini yeJaji uMadlanga. 

UMkhwanazi uthe kumphatha kabuhlungu ukuyamaniswa nokufaka kukaMnuz Marius Van Der Merwe (owaduma kwikhomishini ngoWitness D), owabulawa emva kokuba ethule ubufakazi phambi kwale khomishini. 

Ukusho lokhu ngesikhathi evele phambi kwekomiti lasePhalamende elikhethekile izolo. 

UVan Der Merwe - owayefihliwe - wenza izinsolo eziningi ezishaqisayo ngoMkhwanazi ngesikhathi ethula ubufakazi.

UMkhwanazi uthe akamazi kwakumazi uVan Der Merwe. 

"Angimazi futhi naye wayengangazi. Kubuhlungu ukusolwa ngokubulala. Angisakwazi ngisho ukuphumela emnyango ngoba abantu babona umbulali."

UMkhwanazi ubuzwe ngobudlelwano bakhe nosomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusimuzi "Cat" Matlala. 

UMkhwanazi uthe waqala ukwazana noMatlala ngesikhathi babelungiselela umcimbi lapho imeya yayizokwethula inkulumo ngesimo somkhandlu. 

Ngaleso sikhathi umasipala wawuphethwe yi-DA emva kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021. 

"Ngaleso sikhathi kwakunamahlebezi okuthi amalungu e-ANC ahlela ukuphazamisa inkulumo yemeya. Kwakungokokuqala ukuba i-ANC ilahlekelwe wumkhandlu. Ngatshelwa ukuthi abantu abasebenzela uMatlala baseqophelweni eliphezulu. Ngabe sengicela ukuba nomhlangano noMatlala. UMatlala wazifikela mathupha emhlanganweni futhi wangethula ethimbeni lakhe, wabuza ukuthi sizomkhokhela malini? Ngamtshela ukuthi akumina ohlela isabelomali kodwa wathembisa ukuthi uzosisiza ngokuhlinzeka abaqaphi, wangasho ukuthi uzosinika abangaki. Kwaphinde kwaba nomhlangano wesibili."

UMkhwanazi uncome ithimba labaqaphi elalisebenzela inkampani kaMatlala.

"Ngahlabeka umxhwele ngethimba likaMatlala. Laligcwele abantu ababekade besebenzela uphiko lwamaphoyisa olukhethekile (SAPS Special Task Force). Ukuba nganginayo imali yokubaholela ngangizobaqasha bonke."

UMkhwanazi uthe ekuqaleni babexoxa ngezinto zomsebenzi noMatlala kodwa bagcina sebekhuluma nangezinto ezithinta impilo yabo ngenxa yokuthi base befana nezingane zandawonye.

Uthe babengakaze baxoxe ngezithinta ipolitiki. 

"UMatlala akakhulumi ngezinto ezithinta ipolitiki, ukhuluma kuphela ngezinto ezithinta ibhizinisi."

UMkhwanazi uphikile ukuthi wagunyaza ukufakwa kwezimoto zikaMatlala amalambu aluhlaza. 

"Izimoto zikaMatlala azizange zifakwe amalambu aluhlaza. Umuntu onegunya lokufaka izimoto amalambu aluhlaza uChris Steyn. Ithimba lamaphoyisa kuzwelonke lazifikela mathupha emahhovisi ngesikhathi liphenya lolu daba. Lafike lafuna ngoshova ukukhuluma noSteyn owawachazela ukuthi akukho zimoto ezafakwa amalambu aluhlaza."

UMkhwanazi uthe kuze kube namhlanje akakaze anikezwe izizathu zokumiswa kwakhe emsebenzini.