OWAYENGUMGCINIMAFA we-ANC KwaZulu-Natal, uDkt Ntuthuko Mahlaba
Image: SIGCINIWE
UMHOLI we-ANC, uDkt Ntuthuko Mahlaba, uyamaniswa nemoto eyathengela ukudla izinkabi ezabulala ufakazi ecaleni lokubulala ayebhekene nalo. Icala lokubulala lagcina lihoxiswa emva kokubulawa kukafakazi.
Kuvele ukuthi imoto eyabonakala ithengela izinkabi okuya ngasethunjini ngosuku olwandulela usuku okwabulawa ngalo ufakazi woMbuso, uMnuz Martin Sithole, yayitshelekwe nguMahlaba komunye umholi we-ANC oqavile esifundeni iMbuso Kubheka.
Lokhu kuhlaluke eNkantolo eNkulu eMgungundlovu izolo, ngesikhathi kulalelwe icala lokubulawa kukaSithole nomngani wakhe, uMnuz Buthanani Shange.
USithole wabulawa ngo-2019.
UMahlaba oyilungu lesiShayamthetho KwaZulu-Natal, uke waba wumphathiswa wokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, waba wumphathiswa wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko, waba umgcinimafa we-ANC esifundazweni.
Ngesikhathi eboshelwa icala lokubulala uNgobeni ngo-2019, wayeyimeya kaMasipala waseNewcastle, wayephinde abe usihlalo we-ANC esifundeni iMbuso Kubheka.
USithole wayengufakazi ecaleni lokubulawa kowayengumholi we-ANC Youth League esifundeni iMbuso Kubheka, uMnuz Wandile Ngubeni.
Ukubulawa kukaSithole kwaholela ekuhoxisweni kwecala lokubulala elalibhekene noMahlaba.
Imoto eyabonakala ithengela izinkabi ukudla ngeyekhansela elisethimbeni lesikhashana elihola i-ANC esifundeni iMbuso Kubheka, uMnuz Ally Khoza.
Abalisa abathathu, uMnuz Philani Thwala, Phakama Radebe noMmeli Nxumalo, babhekene necala lokubulala uSithole noShange.
Umshushisi omkhulu, u-Advocate Lawrence Gcaba, uvezele inkantolo izithombe ezikhombisa imoto eyayitshelekwe nguuMahlaba ishayelwa uThwala ngosuku olwandulela usuku okwabulawa ngalo uSithole.
Imoto yafike yathenga ukudla egaraji eliseNewcastle, ebusuku. I-slip sokudla okwathengwa yile moto satholakala endlini okwakulele kuyo izinkabi ezabulala uSithole.
UKhoza utshele inkantolo ukuthi imoto yakhe ewuhlobo lweveni yayitshelekwe nguMahlaba ngesikhathi okwabulawa ngaso uSithole, wathi uMahlaba waboleka imoto yakhe ngesikhathi kubhekwe okhethweni lukazwelonke olwalungawo u-2019.
"Wathi angimboleke imoto yami ngoba iphakeme, wanginika eyakhe mina ngasebenzisa yona."
UKhoza uthe uMahlaba akazange ambuyisele imoto yakhe nangemva kokuthi esethenge elakhe iveni.
Uthe kunalokho, imoto yakhe wayeke ayibone ishayelwa uRadebe kanye nabanye.
UKhoza uthe akakaze anikeze uThwala igunya lokuthi ashayele imoto, wathi futhi wayengamazi nokumazi.
Ntuthuko Mahlaba
Image: SIGCINIWE
UKhoza uthe washaqeka ngesikhathi amaphoyisa emkhombisa izithombe zikaThwala eshayela imoto yakhe. Ngaleso sikhathi uKhoza wayephekwa ngemibuzo amaphoyisa mayelana nokubulawa kukaSithole, wathi watshelwa ukuthi uThwala wanikezwa imoto yakhe ukuba ayothenga ukudla.
Abasolwa bayaliphika icala.
Ukulalelwa kwecala kuzoqhubeka namhlanje.
Related Topics: